Ukhuza ibuya kuzalo "umkhonto"

Useqalile ukushutha

Ilanga langeSonto - - Izindaba - THANDI ZONDI

SEKUVELE ezithi ukhuza ibuya umlingisi owazakhela udumo emdlalweni owuchungechunge otshengiswa nsukuzonke izinsuku phakathi nesonto kuSABC 1 ligamenxe ele-8 kusihlwa, Uzalo.

Ubonga Dlamini owayelingisa indawo kaMkhonto kulo mdlalo kodwa wabuye wawushiya kuthiwa ubuya ngelikhulu ishodi njengoba esazophinde adlale indawo efanayo.

Lo mlingisi kuthiwa uzobuya esezoziphindiselela kunkunzi ngoba ebulele owabe eyintombi yakhe usmangele (Sihle Ndaba) nomanzuza (Leleti Khumalo) asebeshiyile kulo mdlalo.

Umthombo uthi kuyimanje ubonga useqalile uyashutha kulo mdlalo.

Kuthiwa uzoqala ukuvela ngosuku lomlindelo engasadle nkobe zamuntu.

Engxoxweni aba nayo phambilini NELANGA ngonyaka owedlule uveze ukuthi akazi ukuthi waxoshelwani kulo mdlalo kodwa ukuxoshwa kwakhe kwaba yisigubhukane. Yize kunjalo wathi akanankinga nababhali balo mdlalo.

Ukuxoshwa kulo mdlalo uthi kwamphoqa ukuba aqale kabusha impilo, asuke ethekwini aye egoli.

Emva kokunyamala kuzalo ube eseqala ibhizinisi lokudayisa izikhwama ezibizwa ngegoodie Bag SA.

Ngonyaka owedlule uthole ithuba lokuba yingxenye yomdlalo otshengiswa kumzansi Magic, Isithembiso, lapho ekade elingisa khona indawo kanimrod.

Ubonga Dlamini akatholakalanga ukuba aphawule ngesikhathi ethintwa yileli phephandaba.

Okhulumela uzalo u-ayanda Mthiyane ucele ukuba athunyelelwe imibuzo nokho okuze kwashaya isikhathi sokushicilela izimpendulo zingakatholakali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.