Kuzonandisa imafikizolo emcimbini waseyadini

Kuzohlonyiswa amaciko ngolwazi

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu - LUCKY CAIN

AZOCIJISWA ngolwazi olubalulekile olumayelana nokuzithuthukisa, amaciko angaphansi kukamasipala iray Nkonyeni.

Le workshop ihambisana nomcimbi wobumnandi obizwa ngokuthi yisouth Coast Beach Picnic ezoba mhla zintathu kunhlolanja (February) olwandle lwasest Michaels, ogwini oluseningizimu yekwazulu Natal.

Lo mcimbi ohlelwa ngabendawo yobumnandi edumile eningizimu Afrika, Iyadini Lounge, esemlazi, eningizimu yetheku, kulindeleke ukuba udonse izinkumbi zabantu njengoba kuzobe kungenwa bhusende.

Ngokusho kukajabulani Zama ongumnikazi waseyadini uthi kubalulekile ukuthi kube khona abakutshalayo emphakathini.

“Siyaziwa ngendawo yenjabulo kodwa kuhle ukuthi kube khona esikwenzayo ukuhlomulisa amaciko azimisele ukungena kulo mkhakha (wezobuciko).

"Yingakho ngolwesihlanu mhla ka-2 kunhlolanja, sizoba ne- workshop yamahhala, est Michaels, okuzocotshelelwa kuyo amaciko asafufusa ngolwazi oluphathelene nalo mkhakha,” kusho uzama odume ngelikajigga.

Uthi inhloso yale workshop wukucijisa amaciko ngolwazi mayelana nendlela yokuziphatha kulo mkhakha, nokuthi angenza kanjani ukuze athuthuke nawo.

Phakathi kwabadumile abazokwabelana namaciko endawo ngolwazi ngudj Merlon, Distruction Boyz, Mondli Ngcobo, Feel nabanye.

Ngomgqibelo mhlaka-3 kuNhlolanja kuzobe sekuba nendumezulu yomcimbi okuboshelwe kuyo abaculi nodj abanohlonze.

Phakathi kwabazonandisa kulo mcimbi kubalwa imafikizolo, Caspper Nyovest, Sjava, Igcokama Elisha, Khuzani, Distruction Boyz, Tipcee, Oskido, Tira, Cndo, Sox, Naima Kay, Professor, Tzozo, Benny Macveick nomshunqisi, Character, Merlon, Mondli Ngcobo, Phuzekhemisi, 101, Major League, Naked DJ, Bongz, Feel, Muntu, Boonu, Thobzela, Touch OF Soul, Thukzin, Sjerere, nabanye abaningi. Abaphathi bohlelo ngududu Lady D Khoza ongumsakazi wokhozi FM nodynasty.

Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala, ngaphandle kwalabo abafuna ukuba kwigolden Circle, nabafuna ukuhlala endaweni yezicukuthwane - bona amathikithi bazowathenga.

lucky.cain@ilanganews.co.za

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

IMAFIKIZOLO izonandisa emcimbini ohlelwa iyadi obizwa ngesouth Coast Beach Picnic, est Michaels.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.