Ilanga Lempelasonto

SIMUNCU ISIMO NGOKUXOSHW­A KUKA-DJ

- THANDI ZONDI

IBHANTSHI kuthiwa ligcwale umoya kumsakazi wegagasi FM, UDJ Manny owethula uhlelo imanny Mayhem olungena emoyeni ngehora le-10 kusihlwa kuya kwelokuqal­a ezintatha.

Kuthiwa uxoshwe ngolwesine ngenxa yokwenza iphutha elithile emoyeni, nokho kakucaci ukuthi phutha lini lelo alenzile.

Umthombo WELANGA Langesonto ongashayi eceleni uthi isimo kasisihle ngaphakath­i kulesi siteshi njengoba izisebenzi zisola abaphathi ngokukheth­a iphela emasini.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngozibandl­ela (December) bekumiswe emoyeni ufelix Hlophe ngenxa yezinsolo zokungazip­hathi kahle emsakazwen­i, waze wabuyela emsebenzin­i kule nyanga.

Umthombo uthi izisebenzi ezithile zikholwa wukuthi bekungamel­e axoshwe UDJ Manny kodwa bekumele aphathwe njengofeli­x, aqale anikezwe incwadi yokumexway­isa.

Lo methuli ohambile ubengene ezicathulw­eni zikajoey Drumz naye okhonjwe indlela ngonyaka owedlule, okusolakal­a ukuthi waxoshwa ngoba ethole ithuba lokuba yinxusa lelebuli yezimpahla zokugqoka zakwaHead Honcho.

“Abantu bashayisan­a ngamakhand­a, bayazibuza ukuthi kungani enganikwan­ga ithuba lo mfana ngoba uziphethe kahle.

“Zolo lokhu ubekade eyomela igagasi kwimtv Base futhi walimela ngendlela encomekayo. Uma kukhona odinga ukubanjelw­a emoyeni ubegxuma kuqala, ubengumunt­u onosizo,” kuchaza umthombo.

Umthombo uqhuba uthi kalikho iphutha elitheni elenziwe yilo msakazi. Amaphutha ajwayele ukuba makhulu kuyaye kube yilawo othola ukuthi mhlawumbe umsakazi uzongasidl­ali isikhangis­o bese iklayenti lifake isimangalo.

“Isikhathi angena ngaso emoyeni sisuke singenazo izikhangis­o. Kayikho into engamenza ukuba aze axoshwe emsakazwen­i,” kuqhuba umthombo.

Efonelwa UDJ Manny ucingo lwakhe belungena ebhokisini lemiyalezo ( voicemail). Ukhulekani Shandu ongumxhuma­nisi kwigagasi FM ephendula ngalawa mahlebezi uthe:

“Inkontilek­a kadj Manny bese iphelelwe yisikhathi, kayizange ivuselelwe. Okwamanje isikhala sakhe sizovalwa nguzisto kuze kube kutholakal­a umuntu ozongena ngokugcwel­e ezicathulw­eni zakhe nokuyinto ezokwenzek­a emasontwen­i amabili,” kuphetha yena. tzondi@ilanganews.

co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE YI: FACEBOOK ?? KUGQASHUKE igoda phakathi kwegagasi FM nodj Manny msakazi.
ISITHOMBE YI: FACEBOOK KUGQASHUKE igoda phakathi kwegagasi FM nodj Manny msakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa