ZIYAWUSHAYA KUNGQONGQOSHE NOKA-MISS INDONI

Ilanga langeSonto - - Izithombe - JOHN HLONGWA

KULINDELEKE ziwushaye maduze kungqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi umnu Nathi Nhleko, nesinqandamathe sakhe udkt Nomcebo Mthembu, owaziwa ngomcimbi kazime waminyaka yonke Indoni Miss Cultural.

Ngokuthola kwaleli phephandaba bekumele ngabe lo mshado ube ngonyaka ophelile kodwa ngenxa yokugula kukanina kadkt Mthembu, okugcine kumenele ukufa, kuphoqe ukuba zihlehliswe izinhlelo zomshado.

Amalobolo sekunesikhathi aqedwa osekusele usuku lomshado okulindeleke ukuba lube selwaziwa ngojune walo nyaka.

Elandisa ILANGA Langesonto udkt Mthembu ngalolu daba uthe: “Ukube asiphazanyiswanga wukushona kukamama ngonyaka ophelile ngabe kade umshado waba khona. Umama kuvele ukuthi unomdlavuza wesibindi ngonyaka wezi-2016 kodwa ukugula kuze kwasiphuca yena ngonyaka odlule - ngaleyo ndlela kube sekuphoqeleka ukuba sizimise izinhlelo zomshado.

Noma kanjani ngonhlangulana (June) luyaphuma usuku futhi umshado wethu uyoba yizinsuku ezimbili ngoba sizowuhlukanisa ngokohlelo lwesintu nangolwasentshonalanga.

"Nakuba indawo esizoshadela kuyona singakayihlonzi kodwa kungenzeka kube sempangeni kubo kamkhwenyana noma ube senonoti okuyindawo enomuzi wethu ngaseballito,” kuphetha yena”.

Kuzokhumbuleka ukuthi zizobe seziwushaya okwesine kumnu Nhleko njengoba kukhona amanye amakhosikazi akhe afaka izehlukaniso nawo.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

NGUDKT Nomcebo Mthembu ozoshada nongqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi umnu Nathi Nhleko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.