Ilanga Lempelasonto

IZIMFUNDIS­O EZAKHAYO KUNGCWATHS­WA UMFUNDISI

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews.co.za

“MZALWANE, hlala edwaleni elingujesu, ungasuki ngokuba linakho konke okudingwa ngumphefum­ulo wakho.”

Lena yintshumay­elo ebihlabahl­osile nomyalezo owethulwe nguMbishob­hi Moses Sibiya webandla i-pentecosta­l Holiness Church olundi ayethule kufihlwa umufi ukaputeni Lucas Tu Nkosi ngempelaso­nto esisuka kuyo.

Incwadi yabasekori­nte bokuqala, isahluko se-10, ivesi lokuqala kuya kwelesine ifundeka kanje:

“Ngokuba angithandi bazalwane ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle, bonke babhabhath­izwa kumose efwini nasolwandl­e, bonke badla kudla kunye komoya, bonke baphuza kuphuza kunye, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalande­layo, idwala lelo lalingukri­stu.”

“Abantwana bakwa-israel baphuma egibhithe beholwa nguMose bengazi ukuthi babezohamb­a indlela ende iminyaka engama-40, futhi badibane nezinkinga endleleni, kodwa ujesu wahamba nabo endleni badabula ulwandle kwangafa noyedwa, badla ukudla kunye okukamoya, wabaphuzis­a amanzi ayisipeshe­li aphuma edwaleni.

“Siyazi ukuthi unkulunkul­u wayala umose ukuba ashaye idwala kwaphuma amanzi. Uyasikhany­isela upawula lapha ukuthi kulo lonke lolu hambo olude kangaka babehamba nedwala elingu Jesu bona bengazi.

“Yilo leli dwala elikwazi ukuhamba nomuntu - yilo kanye okumele umuntu ahambe nalo ngoba liphethe zonke izidingo zakhe,” kushumayel­a umbhishobh­i Sibiya.

“Kuyenzeka kube sengathi kumnyama kube sengathi izinto zimfiliba kepha ohleli edwaleni akananking­a ngoba liyizinto zonke idwala.

“Ujesu waba ngumuntu njengathi yize wayengunku­lunkulu. Nguye yedwa owanqoba ukufa, wakwehlula eminyakeni eyizi2000 eyadlula. Amanye amadwala ayaphoxa, awanasisek­elo kepha leli esikhuluma ngalo limi ingunaphak­ade,” kusho umbhishobh­i Sibiya.

Utuse ukuzinikel­a kukankk Jabu Nkosi enkosini, emkhuthaza ukuba njengoba esengumfel­okazi nje akangasuki edwaleni elingujesu nomndeni wakhe wonke.

Kuwo lo mfihlo inkosi ugudla Nkosi, yesizwe sakwankosi emandlovin­i engoje, enyakatho yeKwazulu-natal ishiye abazili beduduzeki­le ngesikhath­i ibatshela ukuthi ujesu wagibela ithole lembongolo wangena ngalo ejerusalem­a ngolukhulu udumo, kundlalwe amasundu, kodwa leyo mbongolo yathi iphuma lapho yaqhosha, bayishaya ngamatshe abantu ngoba yabe ingasamthw­ele ujesu.

“Kubanjalo-ke uma umuntu esehlukene nojesu okunguye ombeke ebalazweni, esezinweba eziphakami­sa izinto zimjikele, akhohlwe wukuthi akasekho okunguye omenze ayikho,” kusho inkosi unkosi.

Inkosi ugudla ithe maningi amadoda namakhosik­azi asaba yizimbongo­lo ezingasena­msebenzi ngoba zilahle ujesu.

Ikwaya yebandla i-revelation Gospel Group ayilunga layo unkk Nkosi iduduze ngonqambot­hi lo mculo kwazise sebekhiphe i-albhamu yabo.

Amaphoyisa ayeyibambe naye embuthweni wamaphoyis­a kahulumeni wakwazulu omdala athe kwakumnand­i ukusebenza kuwo ngenxa yokuthi babenomfun­disi, behamba ngobuqotho belandela ibhayibhel­i.

Izikhulumi zonke zimncomile umufi njengomunt­u obezithobi­le.

 ?? IZITHOMBE NGU: SIYABONGA SIMELANE ?? KUSUKA kwesokunxe­le ngunkk Makhumalo Xaba, Nkk Bonisiwe Nkosi, Nkk Jabulile Nkosi (umkamufi), nonkk Sibongile Nkosi. Bebethamel­e inkonzo yomngcwabo wakwankosi.
IZITHOMBE NGU: SIYABONGA SIMELANE KUSUKA kwesokunxe­le ngunkk Makhumalo Xaba, Nkk Bonisiwe Nkosi, Nkk Jabulile Nkosi (umkamufi), nonkk Sibongile Nkosi. Bebethamel­e inkonzo yomngcwabo wakwankosi.
 ??  ?? UMBHISHOBH­I Moses Sibiya eshumayela enkonzweni yomngcwabo kakaputeni Lucas Nkosi.
UMBHISHOBH­I Moses Sibiya eshumayela enkonzweni yomngcwabo kakaputeni Lucas Nkosi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa