Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- SENGIKHULE­LISE OMUNYE

PASTOR, nginomama wezingane ezimbili, manje sengikhule­lise omunye, ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Okubalulek­ile nje mfowethu kulesi simo obhekene naso, futhi okuyiqinis­o esingeke salibaleke­la wukuthi into yokuqala okumele uyenze ukuze unkulunkul­u abe ngakuwe nomhlaba ungakushay­i, wukwenza isiqinisek­o sokuthi izingane ziyondliwa zonke.

Mayelana nombuzo wakho wokuthi kumele wenzenjani - lokho kulele kuwena njengendod­a. Nguwena owaziyo ukuthi inhliziyo yakho igxilephi kodwake kuyokusiza ukuba ulikhulume iqiniso kubona bobabili, singalokhu sifihla ngoba le ndaba uma ulokhu uyifihla ekugcineni liyovela iqiniso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa