ISIDINGO

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu -

UNINA uqhubeka necebo lakhe lokucekela phansi unikiwe. Usechaba unomuzwa wokuthi yena nolerato kabasasichithi isikhathi ndawonye. Uhendrik kumele abhekane nezisebenzi zasemayini ezizocela imali. Kungabe iqhinga likanina lokuhlanyisa unikiwe lizosebenza? Usibiya uzimisele ngokuba yingxenye yabagembulayo ukuze azitholele amasentshana. Unikiwe ukhathazekile uma ezwa ubenjamin esonga ngokuthi uzofundisa ugabriel isifundo. Ukgothalo uyala ulerato ukuthi angabamba kanjani umshado nomsebenzi wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.