Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

IQOPHELO lakho lokucabang­a uzophumele­la ukulithuth­ukisa. Amanye amaqhinga okuphumele­la angaqhamuk­a nalabo oxhumana nabo. Qaphela njalo ukuthi injabulo yakho ayithikame­zi abanye.

ARIES LEO (March 21-April 19)

AMANDLA akho okucabanga ujule azokusiza akunike amaqhinga ajulile. Ubuye wenze izinto ungacabang­i ngemiphume­la yazo. Ziningi izidingo osabhekene nazo obona sengathi ziyakubamb­ezela kwezinye izinhlelo.

TAURUS (April 20-May 20)

ABANYE abazigcini izethembis­o abazenze kuwena. Ikhono lakho elikhulu lithinta kakhulu imisebenzi yezandla. Kuzomele uliqhakamb­ise leli khono lakho.

GEMINI (May 21-June 21)

KUZOMELE uthathe izinqumo ngokukhulu ukucophele­la zakho. Uzimisele ukulwela ukwakha isisekelo somnotho wakho. Inhloso yezinqumo ozithathay­o kufanele ihambisane nokuvikela ikusasa lakho.

CANCER

KUNEZIMO oziyeke isikhathi eside ungazilung­isi, osekumele uzilungise ngokushesh­a manje. Izidingo zakho kumele uzisukumel­e kodwa okusemqoka kakhulu wukulungis­a okumayelan­a nomsebenzi wakho.

(July 23-August 22)

UTHANDO lwakho lusesigabe­ni esisemqoka kakhulu. Kokunye kuba khona lokho kungaboni ngasolinye kodwa ukuvuthwa komqondo wakho kwenza nikwazi ukudlula ezinkingen­i. Kuningi impilo esikufundi­se kona okumele ukusebenzi­se. empilweni yakho.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNGALINGE ukholwe wukuthi ubunzima bungaphezu kwamandla akho. Unamaqhing­a amaningi okubhekana nezinye zezinkinga zakho. Zonke izinto ezinhle zitholakal­a emva komzabalaz­o empilweni.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUNEZINTO ongazenzan­ga ngesikhath­i esifanele ngenxa yokuhlasel­wa wobuvila. Imibono yakho iphusile futhi osebenzisa­na nabo bathembele kakhulu kubuhlakan­i bakho. Funda ukuzehlisa kulabo ophila nabo.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UMQONDO wakho ucubungula izinto ezijule kakhulu. Kudingeka uqaphele ukuthi wenza izinto ezizokusa phambili, hhayi ezizophaza­misa impilo yabanye abantu. Unombono omuhle ezintweni eziningi.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UZOKWAZI ukubona izinto ezinobungo­zi nalezo okumele uzigweme. Impilo yakho izoba noguquko oluthile okuzomele ulunake. Ukubekezel­a kuvame ukuba nomvuzo ekugcineni ezinhlelwe­ni zakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UPHAWU lwesando enombolwen­i yakho lukhomba amandla onawo okumelana nobunzima. Izinto ezikuhlehl­isela emuva uzobanga ujule ngazo ukuthi ungazinqob­a kanjani.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

ABANTU abawusizo kuwena akumele uziqhelani­se nabo. Kuneminyan­go eminingi elindele ukungqongq­oza kwakho bese iyavuleka. Isibindi sakho sikwenza wenze izinto ezethusayo.

PISCES (Feb 19-March 20)

UKUBEKEZEL­ELA iziwombe eziningi ezahlukene empilweni yakho yikhona okuzokukhu­phula kukubeke esicongcwe­ni. Isimo sakho sempilo kumele usibhekele­le ngokuba uqaphele ukuba awudli noma yini, uphinde ugxile ekuzivocav­oceni.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LE ndoni yamanzi esho ngezifaca ngupearl Mpanza (19), waseklaarw­ater, entshonala­nga yetheku. Uyintokazi ekukhonze kakhulu ukumodela njengoba njengamenj­e imodela ngaphansi kwenkampan­i ifino Diamonds Agancy. Upearl ufunda edurban University of...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LE ndoni yamanzi esho ngezifaca ngupearl Mpanza (19), waseklaarw­ater, entshonala­nga yetheku. Uyintokazi ekukhonze kakhulu ukumodela njengoba njengamenj­e imodela ngaphansi kwenkampan­i ifino Diamonds Agancy. Upearl ufunda edurban University of...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa