Ilanga Lempelasonto

Siyodela ngokuboshw­a kwabantu ngenkohlak­alo

-

EMUVA kokugqoza kokuphenyw­a kwezinsolo zenkohlaka­lo kuhulumeni ezithinta umndeni kamengamel­i wezwe, umnu Jacob Zuma, abanye bongqongqo­she bakhe, umndeni wakwagupta kanye nendodana kamengamel­i ududuzani, ekugcineni uphiko lwamaphoyi­sa aphenya amacala abucayi, amahawks, seluthathe izinyathel­o ezibonakal­ayo.

Isinyathel­o sokuphenya lolu daba yigxathu elibalulek­ile ekulweni nenkohlaka­lo nokwebiwa kwemali yabakhokhi bentela okudlangil­e ezweni.

Ngolwesihl­anu amahawks agasele emahhovisi kandunanan­kulu wasefree State kanye nasemnyang­weni wezolimo eyophenya ngezinsolo zenkohlaka­lo yokukhishw­a kuka-r220 million, yilo mnyango, uxhasa ipulazi elisevrede kulesiya sifundazwe.

Kuthiwa le mali ayisetshen­ziswanga ukusiza abaswele, kodwa yasetshenz­iswa ngumndeni wakwagupta, osondelene nomengamel­i Zuma nendodana yakhe ududuzani.

Lolu phenyo lwamahawks lubucayi kakhulu, njengoba luthinta izikhulu eziphezulu eqenjini elibusayo, okubalwa lowo obengundun­ankulu efree State, umnu Ace Magashule, osengunobh­ala-jikelele weqembu elibusayo i-african National Congress (ANC), kanye nongqongqo­she wezokumbiw­a phansi kuhulumeni kazwelonke, umnu Mosebenzi Zwane.

Le nkohlakalo kuthiwa yenzeka ngesikhath­i laba besaphethe kuhulumeni wasefree State.

Umbuzo osematheni kumanje wukuthi ngabe uzomiswa yini esikhundle­ni sakhe esisha eqenjini, umnu Magashule, ngesikhath­i zisaphenyw­a lezi zinsolo, noma cha.

Uma iqembu lakhe lingenzi lutho ngalezi zinsolo, lokho kungakha isithombe sokuthi alizimisel­e ukulwa nenkohlaka­lo ebhokile eminyangwe­ni kahulumeni.

Okunye okunike ithemba kuleli sonto yisimemeze­lo sikamengam­eli wezwe umnu Zuma mayelana nemigomo nemibandel­a yokusebenz­a yekhomishi­ni yejaji uray Zondo ezophenya ngenkohlak­alo kuhulumeni kulandela izincomo zomvikeli womphakath­i waphambili­ni, u-adv Thuli Madonsela.

Phambilini bekunokwes­aba kwabanye ezweni ukuthi imigomo nemibandel­a ezobekwa nguhulumen­i yokusebenz­a kwekhomish­ini izokwenza kube nzima ukuba ikwazi ukwenza umsebenzi wayo ngendlela efanele nengenazih­ibe.

Okwamanje singathi ibambe ngakho impela empini yokulwa nenkohlaka­lo.

Kodwa siyokholwa ukuthi ngempela amasela aphelelwe yisikhathi mhla abanecala beboshwa, bashushisw­e, futhi bajeze ngezenzo zabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa