UWISWE YINI UDJ TWITTY?

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu -

KAZI kwenzakani ngempilo kadj Twitty.

Uyazi lo mfana ubeza kahle, ethembisa, namantombazane emthanda, kucacela noma ngubani ukuthi ikusasa lakhe liqhakazile kwezomculo.

Wasuka lapho wagijima ngezimoto ezibizayo, wahlala ezindaweni eziphezulu kodwa manje angisakuboni konke lokho.

Baphi vele abangani baphe masekunje - abamsizi ngani? Ngaze ngakhumbula le ngoma kamufi, ngisho ubaba usipho Gumede we-jazz phela, ethi: When Days are Dark Friends are Few.

Msizeni phela bakithi. Nawe-ke babazi, awuhambe ekhaya uyobheka umsamo wakho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.