Abaholi mabalalele abantu ababaholayo

Ilanga langeSonto - - Izindaba - NO: SBU BUTHELEZI

UNGAVUMELANA nami ukuthi kulesi sikhathi esiphila kusona kunezinselelo eziningi esibhekene nazo. Iqiniso lingukuthi ngesikhathi abantu beya beba baningi emhlabeni, nezinkinga ababhekana nazo ziba ziningi nazo.

Ukuguquka komhlaba nendlela abantu abaphila ngayo, ikona okwenza kube nzima satshe ukuphila nokuphilisana kwabantu emhlabeni.

Ukungafani kwabantu ngokwenza, ngokucabanga, nokukhuluma, kudala izinto eziningi eziletha izinkinga ekuphileni kwabantu. Iqiniso elingemnandi ileli elithi zonke lezi zinkinga nezinselelo ezingaka esibhekana nazo, zidalwa yibona abantu.

Akukuningi emhlabeni okuze- nzekelayo okusibangele izinkinga, kodwa okuningi kwakhona kungumphumela wendlela abantu abaziphatha ngayo, abacabanga ngayo, nabakhetha ukwenza ngayo izinto.

Uma kungalawuleka indlela abantu abacabanga ngayo, nokugcina kubathume ukuthi baziphathe ngendlela ethile, bekungaba kuhle kakhulu futhi kuhlaliswane kahle emhlabeni.

Uke wacabanga nje ukuthi ukube babengekho abantu abanomona, inhliziyo embi nenzondo, ngabe akekho owathakathwa omunye waze wafa.

Kungabe akekho umuntu obulale omunye njengoba kunabantu abangaka ababulawe ngabanye abantu?

Umlando usitshela ukuthi uhitler wabulala amajuda angaphezu- lu kwezigidi eziyisithupha.

Lokhu kuyisibonelo esiseduze uma sifuna ukuveza ukuthi le nto yokuba nenhliziyo embi, igcina kanjani ibulale abantu ngezindlela eziningi ezahlukene.

Kunamazwe la e-afrika, lapho abaholi bakhona bephaka impi ngoba bevikela ukuthi bangakhishwa ezikhundleni abaziqhoqhobele, lokho kuze kuholele ekutheni kufe abantu abaningi ngenxa yezimpi zombango ezigcina sezivuka phakathi kwabahambisana nalabo baholi kanjalo nalabo abathi sesiphelile isikhathi sabo, kabawabeke phansi amatomu.

Kucacile kulesi sibonelo, ukuthi empeleni kudingeka umuntu oyedwa nje ukuthi athathe isinqumo esithi uma sesifikile isikhathi sami sokuthi ngihlale phansi ngidedele abanye, lokho akungaze kuholele empini, kodwa akuxoxiswane kuvunyelwane, bese kuhlahlwa indlela ethi lokhu kuzokwenzeka kanjani ngaphandle kokuthi kuklwejwanwe, kubulawane kubhidlizwe nokukhulu osekwakhiwe.

Uke wabona kufika laba ababizwa ngokuthi amadelakufa, bengena emiphakathini esuke izihlalele kumnandi, ingenacala namuntu, kodwa bangene bethwele amabhomu ngenhloso yokuzobulala abantu abakhona lapho, kuze kufe naye imbala.

Konke lokhu kusitshela ukuthi umuntu ubuye walahlekelwa amandla okucabanga, wagcina ebuka lokhu okuphambi kwakhe, ngaphandle kokucabangela abanye abantu nesizwe sonke ngokubanzi.

Nakuba ngenze izibonelo ezi- nkulu nezingezamazwe omhlaba, kodwa iqiniso lingukuthi nomuntu ngamunye ukwenzile okunye kwalezi zinto engizibale ngenhla.

Baningi ababulale abantu ngezindlela eziningi ezahlukene, kwaqede kwathula kwaba sengathi akwenzekanga lutho.

Umhlaba njengoba usuyindawo eyesabekayo nje ukuphila kuyona, wawudalelwe ukuthi ube yikhaya lethu sonke njengabantu, kuze kulamule ukuguga, kuthi uma umuntu esegugile, bese umphefumulo uyayishiya inyama esikhandlekile, uyohlala lapho ngingechaze khona okwamanje, kukhalwe ngoba sekuhambe umuntu oyingxenye yokuphila kwethu, siduduzane. Konke lokhu okungumphumela wokusebenzisana ukusekelana, ukuthandana nokwazisana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.