AMLAHLILE AMACALA UMPHROFETHI WE-DOOM

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UMPHROFETHI Lethebo Rabalago, owathola udumo ngonyaka wezi-2016 ngesikhathi kuzwakala ukuthi ufutha amalungu ebandla ngesifutho sezinambuzane, idoom, kubikwa ukuthi ulahlwe ngamacala ayisihlanu okuhlasela ngenhloso yokulimaza kanye nokwephula umthetho owaziwa ngokuthi yiAgricultural Stock Remedies Act, ngemuva kokuba umnyango wezempilo elimpopo umvulele icala.

Uthabiso Teffo, okhulumela lo mnyango uthi bagculisekile ngokuthi lo mphrofethi limlahlile icala futhi lokhu kumele kube yisixwayiso nakwabanye abenza okufanayo.

Ungqongqoshe wezempilo elimpopo udkt Phophi Ramathuba wake wenza isiphakamiso ngaphambilini sokuba urabalago ayohlolwa ingqondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.