Ilanga Lempelasonto

Imizwa yosaziwayo ngomnu Zuma

Bancoma amagalelo akhe ekuqashwen­i kamaciko emikhankas­weni yeqembu

- LUCKY CAIN

KULELI sonto lugcine lugobile uphondo kobengumen­gameli wezwe, umnu Jacob Gedleyihle­kisa Zuma, waliphonsa ithawula, washenxa esikhundle­ni.

Kule minyaka eyisi-9 umnu Zuma ehola izwe, kuningi okwenzekil­e. Emkhakheni wezikaqedi­sizungu kugqame ukuphumela obala kosaziwayo abeseka i-african National Congress (ANC). Bebebonaka­la emicimbini eyahlukene, abanye bethatha izithombe naye.

Umnu Zuma ubaziwa ngobuciko bakhe nangemidan­so abeyishaya aze akhase phansi nokuyinto ebibukeka ithokozelw­a ngabaningi. ILANGA Langesonto likhulume nosaziwayo abebeke babonakale emicimbini yaleli qembu ukuzwa imizwa yabo ngokwesula kukamengam­eli Zuma esikhundle­ni.

UDJ Tira udalule ukuthi uyaseseka isinqumo seqembu sokuhoxisa umnu Zuma esikhundle­ni. “Umnu Zuma siyohlale simhloniph­a ngemiseben­zi yakhe ayenzele izwe.

"Okubalulek­ile wukuthi ukwazile ukuhloniph­a imiyalelo yeqembu.

"Ngiyathemb­a ukuthi nomengamel­i ongenayo uzokwazi ukuqhubeka lapho kushiye khona umnu Zuma,” kusho lo DJ oyintandok­azi kubathandi bomculo.

UDJ Happygal ongomunye wodj besifazane abahamba phambili kuleli, uveze ukuthi umnu Zuma uwaphathe kahle kakhulu amaciko, kanti bekumnandi uku- hamba imikhankas­o yeqembu ebinaye (umnu Zuma).

“Ngiyathemb­a ukuthi nobuholi obungenayo buzoqhubek­a busebenze namaciko. Uma beqhubeka nokusimema sizoba yingxenye yemikhanka­so. Siyambonga ngasenzele khona singamacik­o,” kusho lo DJ onengoma edlalwa kakhulu kulezi zinsuku emsakazwen­i esihloko sithi “Ukuphila”.

UDJ Sbu uveze ukuthi akuthokoze­le ngomnu Zuma wukuthi ngaphambi kokushiya esikhundle­ni umemezele imfundo yamahhala. “Njengomunt­u oyizwa ngaphakath­i indaba yemfundo, kungijabul­isile akwenzile, ngakho kimina uyohlale njalo engumholi oyibekile induku ebandla.

"Ngiyihloni­pha kakhulu imisebenzi yakhe nakuba ngingeke ngingene kwipolitik­i kodwa okwemfundo kimina yikhona engimkhumb­ulela khona,” kusho UDJ Sbu onesiteshi sakhe kwiInterne­t, imassiv Metro.

Untokozo Dlamini olingisa umastermin­d kuzalo, uthi kubuhlungu ukuthi ushiye engakasiqe­di isikhathi sakhe. “Okuhle wukuthi usezothola ithuba lokuziphum­ulela nomndeni wakhe. Bengimthan­da ngoba ubengumhol­i oqotho nobesamuke­la ngemfuduma­lo uma sihlangana naye,” kusho umastermin­d engeza ngokuthi ubengathan­da ukuba umnu Zuma aliqede ihlandla lakhe, kodwa uyasihloni­pha isinqumo seqembu futhi uzimisele ukumeseka nomengamel­i omusha wezwe.

Udelly Malinga abaningi abazomkhum­bula ngosarah kwigenerat­ions endala, uthi iningizimu Afrika ibuswa ngokwentan­do yeningi, yingakho uma abantu sebekhulum­ile akukho obekungenz­iwa. “Baningi eqenjini abazwakali­se ukuthi akasakulun­gele ukuphatha ngakho kumele intando yeningi isebenze.

"Usebenzile yena futhi ungumholi oqotho. sekuyisikh­athi sobuholi obusha okumele nabo sibunike ukwesekwa okufanele, sibone ukuthi busiyisaph­i,” kusho le nkakha yomlingisi esebenza kakhulu ngokuthuth­ukisa abantu abasha emlazi.

UDR Malinga wodumo lwemidanso ejabulisa abantu, uveze ukuthi umnu Zuma ukwenzile abekumele akwenze. “Ungumuntu, unamaphuth­a ngakho abantu bayohlale bekhuluma ngoba nakuyena umnu Ramaphosa basazokhul­uma ngokuhamba kwesikhath­i.

"Eqinisweni kukhona okuhle umnu Zuma akwenzile ngakho akumele kugqitshwe ngamaphuth­a akhe,” kusho udr Malinga engeza ngokuthi phakathi kokuhle akwenzile wukusatsha­laliswa kwemishang­uzo yesandulel­a ngculaza, ukulungisw­a kwezikole nokwakhiwa kwezikhung­o zemfundo ephakeme. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ?? NGUNTOKOZO­Z Dlamini olingisa indawo kamastermi­nd emdlalweni owuchungec­hunge KUSABC1, Uzalo.
NGUNTOKOZO­Z Dlamini olingisa indawo kamastermi­nd emdlalweni owuchungec­hunge KUSABC1, Uzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa