ANGIKWAZI KUBO
Cha mama, isikhathi esiningi vele lapha emshadweni uma kuqalwa kuba mnandi njengoba usho nje nawe ukuthi ngonyaka wezi-2016 niqala ukushada kwakumnandi.
Kuhamba kuhambe kube nesikhathi esinibuzayo ukuthi nithandana ngempela yini. Ngiyacabanga ukuthi kulokhu kwenu akuyona inkinga enkulu, yinto nje ezodinga umuntu wesithathu ohlakaniphile, ozokwazi ukuba ahlale nani phansi niluxoxe lolu daba ngoba alikho ihlazo nenkinga engako.
Uma kungenzeka, ngicela ukuba ungishayele kule nombolo engezansi ukuze sikwazi ukuhlela ongaxoxa naye nomyeni wakho. Othandweni akuyona yonke into PASTOR, ngingowesifazane (33),