Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI WE-MANCHESTER UNITED UCHITHA IMIBIKO YOKUNGAHOS­HELANI NO-POGBA

-

UJOSE Mourinho ongumqeqes­hi wemanchest­er United uyichithil­e imibiko yokuthi uthungatha umdlali wasesiswin­i ngoba engahoshel­ani nopaul Pogba waseFrance ogijima kule kilabhu.

Izinto kazimhambe­li kahle upogba kule kilabhu ayijoyine ngonyaka wezi-2016 esuka kwijuventu­s yase-italy abegila izimanga kuyona.

Ubekhuza ibuya e-old Trafford njengoba eke wadlala kwired Devils phambilini.

Umourinho uphumele obala ngokuthi ufuna umdlali wasesiswin­i. Uthi umdinga ngokushesh­a ukuzovala isikhala sikamichae­l Carrick ozogaxa amakhokho emgibeni ngokuphela kwale sizini.

“Ngiyakutha­nda ukuhlela izinto kusenesikh­athi.

"Angifuni ukutatazel­a ngesizini ezayo sengathi bengingazi ukuthi ucarrick uyashiya kunobhutsh­uzwayo.

"Useneminya­ka engama-36 ubudala.

"Umzimba wakhe kawusavumi. Uzojoyina izinhlaka zokuthuthu­kiswa kwabadlali lapha ekilabhini.

"Sengizwile ukuthi eminye imi- thombo yezindaba ithi ngifuna umdlali ngoba ngingahosh­elani

 ?? ISITHOMBE NGABE: TALKSPORT.COM ?? NGUJOSE Mourinho oqeqesha imancheste­r United nomdlali wale kilabhu upaul Pogba.
ISITHOMBE NGABE: TALKSPORT.COM NGUJOSE Mourinho oqeqesha imancheste­r United nomdlali wale kilabhu upaul Pogba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa