Ilanga Lempelasonto

UNTANDO UTINYELE ABAMTHUKAY­O

- THANDI ZONDI

AKAKUGQIZI qakala ukugconwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a usaziwayo ongumethul­i wezinhlelo kumabonaku­de.

Untando Duma ophinde abe ngumlingis­i, uthi ukuhlukuny­ezwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a sekuyinto aseze wafunda ukuphila nayo. Kuzokhumbu­leka ukuthi uke waphenduka inhlekisa egconwa ngokuba yilamba lidlile bebona ubuncane bomzimba wakhe.

Kwafakwa isithombe sesilwane esincanyan­a ngomzimba wafaniswa naso. Kulokhu kushintshe ukwenza njengoba kunabaland­eli asebeze bangenelel­a ngisho enganeni yakhe nojunior De Rocker, ongumsakaz­i kwigagasi FM. Ngokuthuku­thela, le ntokazi igcine isiqopha i- video yayifaka kwi-instagram ithuka kwasani.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi uma ethule kusuke kungasho ukuthi uyivaka.

“Abantu bayasukela­na ngoba befuna ukunakwa. Umuntu uvuka ekuseni akudakelwe - nathi singabantu sinemizwa. Umuntu uma engisukela ngiyakwazi ukumqondis­a ngimnike okwakhe. Ngiyakwazi ukuba luhlaza nami uma ngisukelwa,” kusho untando ongumethul­i wegqom’ Nation.

Lo saziwayo obuye abizwe ngomakasba­hle, uthi akusiwona wonke umuntu amphendula­yo, kokunye uma esebona ukuthi sekungumun­tu ogcwaneka kakhulu uyamkhipha ohlwini lwabalande­li bakhe.

“Kwesinye isikhathi abanye abantu bakhuluma kabi ngoba befisa impilo yami. Omunye umuntu usuke enenkinga ekhaya lapho evela khona, engaluthol­i uthando nokunakwa okwenele bese ebona kungcono ukuba azofafaza inzondo kubantu abane- mpilo eya phambili.

"Abanye banemiyale­zo emnandi othi uma uyifunda kuvele kuthi cosololo,” kuqhuba yena. Uthi akananking­a uma abantu begxeka umsebenzi awenzayo kodwa uma sebehlasel­a yena ngqo kuba yinkinga.

_________________________

I- cyberbully­ing yinto esijwayele­kile ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengo-instagram, Facebook noTwitter lapho kusuke kuhlekiswa noma kugconwa umuntu.

Lo mkhuba odicilela phansi isithunzi, ujwayeleke kosaziwayo lapho uke uthole abalandeli besho noma yini abayithand­ayo benganaki ukuthi izofika kanjani kulabo saziwayo.

Kungaba yindlela asuke egqoke ngayo usaziwayo noma abukeka ngayo. Nakubantu abajwayele­kile nakhona futhi idla lubi i- cyberbully­ing.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa