UNTANDO UTINYELE ABAMTHUKAYO
AKAKUGQIZI qakala ukugconwa ezinkundleni zokuxhumana usaziwayo ongumethuli wezinhlelo kumabonakude.
Untando Duma ophinde abe ngumlingisi, uthi ukuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana sekuyinto aseze wafunda ukuphila nayo. Kuzokhumbuleka ukuthi uke waphenduka inhlekisa egconwa ngokuba yilamba lidlile bebona ubuncane bomzimba wakhe.
Kwafakwa isithombe sesilwane esincanyana ngomzimba wafaniswa naso. Kulokhu kushintshe ukwenza njengoba kunabalandeli asebeze bangenelela ngisho enganeni yakhe nojunior De Rocker, ongumsakazi kwigagasi FM. Ngokuthukuthela, le ntokazi igcine isiqopha i- video yayifaka kwi-instagram ithuka kwasani.
Utshele ILANGA Langesonto ukuthi uma ethule kusuke kungasho ukuthi uyivaka.
“Abantu bayasukelana ngoba befuna ukunakwa. Umuntu uvuka ekuseni akudakelwe - nathi singabantu sinemizwa. Umuntu uma engisukela ngiyakwazi ukumqondisa ngimnike okwakhe. Ngiyakwazi ukuba luhlaza nami uma ngisukelwa,” kusho untando ongumethuli wegqom’ Nation.
Lo saziwayo obuye abizwe ngomakasbahle, uthi akusiwona wonke umuntu amphendulayo, kokunye uma esebona ukuthi sekungumuntu ogcwaneka kakhulu uyamkhipha ohlwini lwabalandeli bakhe.
“Kwesinye isikhathi abanye abantu bakhuluma kabi ngoba befisa impilo yami. Omunye umuntu usuke enenkinga ekhaya lapho evela khona, engalutholi uthando nokunakwa okwenele bese ebona kungcono ukuba azofafaza inzondo kubantu abane- mpilo eya phambili.
"Abanye banemiyalezo emnandi othi uma uyifunda kuvele kuthi cosololo,” kuqhuba yena. Uthi akanankinga uma abantu begxeka umsebenzi awenzayo kodwa uma sebehlasela yena ngqo kuba yinkinga.
_________________________
I- cyberbullying yinto esijwayelekile ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana njengo-instagram, Facebook noTwitter lapho kusuke kuhlekiswa noma kugconwa umuntu.
Lo mkhuba odicilela phansi isithunzi, ujwayeleke kosaziwayo lapho uke uthole abalandeli besho noma yini abayithandayo benganaki ukuthi izofika kanjani kulabo saziwayo.
Kungaba yindlela asuke egqoke ngayo usaziwayo noma abukeka ngayo. Nakubantu abajwayelekile nakhona futhi idla lubi i- cyberbullying.