ISIDIDIDI NGAMASAMANISO ABOMNDENI WAKWA-GUPTA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - EWN

KUBIKWA ukuthi lithwele kanzima ithimba lezomthetho lasephalamende elizama ukuthumela amasamaniso aphoqa abakwagupta ukuba bayovela phambi kwekomiti eliphenya ngezinsolo zenkohlakalo e-eskom.

Kuthiwa abameli bakwagupta bathe abagunyaziwe bona ukwamukela noma ngabe yiziphi izincwadi noma imiqulu ephathelene nalolu phenyo.

Usomlomo wephalamende, unkz Baleka Mbete, nguyena osayine lawa masamaniso okumele athunyelelwe abakwagupta, ngunkk Dudu Myeni owayengusihlalo webhodi yesouth African Airways, nomnu Duduzane Zuma, oyindondana kamnu Jacob Zuma obengumengameli wakuleli, ababizela esigcawini sekomiti lasephalamende eliqondene nezamabhizinisi kahulumeni (Public Enterprises Committee).

Isinqumo sokuba kukhishwe amasamaniso sithathwe yileli komiti ngesonto eledlule ngemuva kokungafiki kwalaba ngezi- nsuku abebebizwe ngazo ukuyofakaza. Leli komiti lithi ubufakazi babo bubaluleke kakhulu ophenyweni.

Okubonakala kuyinkinga manje wukuthi njengoba abameli bengafuni ukwamukela amasamaniso, azofinyelela kanjani kwabakwagupta, njengoba kungacaci nokuthi bakuphi.

Futhi laba bameli kabafuni nokusho ukuthi bakuphi abakwagupta ukuze bathunyelelwe lawa masamaniso.

Ngaphezu kwalokho, nonkk Myeni kubikwa ukuthi akazimisele ngokudalula ikheli lakhe lalapho ehlala khona. Kuthiwa utshele ikomiti ukuthi uyofika ephala- mende uma esengcono ngokuphelele. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi elindelwe ukuba avele akafikanga, wabika ukuthi akaphathekile kahle.

Umnu Zuma (Duduzane) yena ugcine esamile kwelokuthi ngaphambi kokuvela phambi kwalesi sigcawu, ufuna ukuthunyelelwa amarekhodi aqukethe okushiwo ngofakazi abedlule.

Usihlalo waleli komiti, unkk Zukiswa Rantho uthi njengamanje basezinhlelweni zokuthumela amasamaniso kulab’ ofakazi. Wathi basahlose ukukhipha umbiko wophenyo ekupheleni kwenyanga.

UNKK Zukiswa Rantho ongusihlalo wekomiti lasephalamende eliqondene nezamabhizinisi kahulumeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.