AYAPHAWULA AMACIKO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - makhoba@ilanganews.co.za

Ubahubhe Sibusiso Mkhize ukwamukele ukuqashwa kwezintokazi ohlelweni. “Ngiyabazi, sebemnkantshubomvu kule ndima. Ngifisa baqine ukhakhayi ngoba kubuye kube kubi la, kuphinde kube mnandi. Ngibathanda njengoba ngizithanda mina uqobo,” esho.

Uphuzekhemisi Mnyandu weluleka lezi ntokazi ngokuba zidlale wonke umculo, zingasho ukuthi kukhona owabantu abadala. Uthe kumele ziziqhela-

nise nendaba yabalandeli babaculi ngoba yilapho izinkinga ziqala khona. Uphuzekhemisi uthi bebembhekile nongizwe Mchunu ukuthi angase afakwe kulolu hlelo. Ubongani Manyathi ophethe Ushwi nomtekhala, uthe kufanele lezi zintokazi ziqaphele ipolitiki yomculo.

Ngiyabazwela ngoba kayikho indlela yokwenelisa abaculi. Izikhalo zisazoqhubeka, cishe kuyothi kushaya unhlangulana (June) uyobe usuyizwa

imvunge. Ezinye izinguquko

Unongcebo Mckenzie uzobambisana nosipho Mbatha kwivuka Breakefast Show.

Kolukadudu Khoza, ijabulujule, kubuyiselwe ubabhekile Mthethwa, ozoba nguphrojusa walo. Phambilini ubesebenza kulo. Ntambama kuwoza Nabangani bakho, kuzovalwa isikhala sikasma Mbatha ngoAyanda Melansi.

Ezinye izinhlelo azibanga nalo ushintsho olutheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.