UPROFESSOR UYAVEVA NGOKWEBELWA INGOMA

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu - THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

ITHUKUTHELE ithelwa ngamanzi inkakha ye- kwaito “ngokwebiwa" kwengoma ekwi- album yayo entsha.

Uprofessor, oyintandokazi kubathandi balolu hlobo lomculo, ukhala ‘ngokuntshontshelwa’ ingoma ethi “Senda Ilocation”, ekwi- album ethi Composed By Jesus Christ.

Lo mculi ubezwakala ngisho ocingweni ukuthi unyanyile, usola UDJ Maphorisa nomshunqisi ngokweba le ngoma yakhe.

Uthi selokhu afika kule ndima yezomculo akakaze abange namuntu ingoma.

“Mina ngingumuntu onekhono futhi ozinika isikhathi uma enza umculo. Ukuba sesimeni esinjengalesi kakungithokozisi, ngiphoxekile,” kuqhuba yena.

Echaza ngale ngoma, uthi wayiqopha ngonyaka owedlule nodj Ganyani. Uthi kwakumele ibe kwialbum kaganyani kodwa ngenxa yokuthi ibingangeni khaxa kwisigqi sikaganyani, yagcina ifakwe kwialbum yakhe uprofessor.

Ekhuluma NELANGA Langesonto uthe uzoxola uma kungukuthi UDJ Maphorisa nomshunqisi bathi benze le ngoma ngoba begqugquzelwe wukuzwa eyakhe. Kodwa uma bethi ngeyabo bayiqopha kuqala kobe bamenza isilima.

“Engikudingayo kubona wukuthi bavume iphutha abalenzile, mhlawumbe basho ukuthi bebengazi ukuthi ingoma yabo izofana neyami,” kuchaza yena.

Uthe udabukela udladla Mshunqisi ngoba usafika endimeni yezomculo kodwa igama lakhe selizongcoliswa wukuntshontsha.

Uthi ngabe kungcono ukube bamfonelile bacela ukuba basebenzise ingoma yakhe, hhayi benze ngale ndlela abenze ngayo.

UDJ Maphorisa ephendula KWILANGA Langesonto uthe useke waba nengxoxo no-oskido ophethe ikalawa Jazmee Records nodj Tira ophethe udladla Mshunqisi kwiAfrotainment, bembuza ukuthi kwenzeke kanjani lokhu.

“Lezi zinto ziyenzeka sisi ngoba lezi zinto esizisho ezingomeni sisuke sizithola emgwaqweni nathi,” kusho yena.

Uthe le ngoma kade ayiqopha kodwa ubengakayikhiphi ngokusemthethweni.

“Le ngoma iputshukile, nami angazi ukuthi iputshuke kanjani ngoba bengingakayikhiphi.

"Ngesikhathi ngiqopha eyami ingoma, bengingakaze ngiyizwe ekaprofessor, kuchaza yena. Uthe basazobona ukuthi balilungisa kanjani leli phutha beno-oskido.

ISITHOMBE NGABE: VICENTENEWS

UPROFESSOR uthi simcikile isenzo sokuntshontshwa kwengoma yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.