Kubhekwe lukhulu kojoyine ukhozi FM

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

UMPHATHI siteshi wezululand FM, udkt Bhekisisa Ngcobo uthi usabheke lukhulu kumsakazi wabo osanda kujoyina isikhondlakhondla somsakazo, Ukhozi FM, unonhlanhla Mdonso Ngcobo ( osesithombeni).

Udkt Ngcobo, obuye abe ngumfowabo kamdonso omdala, futhi okunguyena omfake ohlelweni lukamasikandi abelushayela kwizululand FM, uthi nakuba esejoyine Ukhozi FM kodwa kusekuningi akubhekile kuyena.

“Siyamhalalisela ngokukhula kwakhe kwezokusakaza kodwa ngiyazi ukuthi akakafinyeleli lapho enginesifiso sokuba afinyelele khona.

“Engikuthandayo ngaye wukuthi ungumuntu ohlaniphayo futhi okhuthele. Ngiyafisa ukuthi njengoba esesokhozini aqhubeke nakho ukuhlonipha abantu azithobe ngaso sonke isikhathi,” kusho udkt Ngcobo.

Uthi ngesikhathi efaka umdonso ohlelweni lukamasikandi kukhona ayekubonile kuyena futhi ubemthemba ukuthi uzolwenza ngendlela lolu hlelo.

“Nebala akazange aphoxe njengoba ekhombisile ukuthi unalo ithalente kwezokusakaza. Okuhle ngaye wukuthi ungumuntu ohlale ekulangazelele ukufunda,” kusho udkt Ngcobo enanela ngokuthi nakuba umdonso esejoyine ukhozi kodwa ngeke kushintshe ukuthi ungomunye wabasunguli bezululand FM.

“Sizoyihlonipha inkontileka yakhe NESABC kodwa sinesifiso sokuthi aqhubeke nokucobelela abasakazi abasafufusa ngolwazi,” esho enanela ngokuthi ngeke bamenzele umcimbi wokumvalelisa umdonso kwizululand FM ngoba uyohlale eyingxenye yawo ngenxa yokuthi ungomunye wabasunguli bayo.

Umdonso umenyezelwe njengomunye wabasakazi abasha okhozini FM kanti uzoshayela uhlelo lukamasikandi, usgiya Ngengoma, olungena ngomgqibelo emini.

Lolu hlelo, oluthathwa njengolunye oluhamba phambili okhozini FM, uzolushayela nozimiphi “Zimdollar” Biyela obevele ekhona kulo msakazo.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.