U-STEVE NOLOZOLO ALUQOPHE ETHEKWINI

Ilanga langeSonto - - Izindaba - KNOWLEDGE SIMELANE

INKAKHA yomculi yaseningizimu Afrika, usteve Kekana, ithi idonswe wukukhula komculo ethekwini njengoba iqophe i-albhamu yayo yesi-45 kuleli dolobha.

Ukekana, ozakhele udumo ngeminyaka yama-80s, uthi useyasiqonda isiqubulo esithi “Woz’edurban” njengoba emangazwe yikhono elikhona kuleli dolobha.

Exoxa NELANGA Langesonto, uthi kule albhamu yakhe enezingoma eziyishumi usebenze noxolani Majozi obuye asebenze neladysmith Black Mambazo.

“Lona wumsebenzi wethu sobabili nomajozi, ngikhathele ukwenze-lwa izinto, sizibambele mathupha kulealbhamu. Okungichazayo wukuthi ezingomeni esinazo zikhona ezinenhlese yomculo wabantu abasha futhi angiphumanga kakhulu esitayeleni sami engaziwa ngaso kwazise nephimbo lami lingu ngqo, alishintshi yize sengimdala,” kusho lo mculi oteketiswa ngelithi Impangele ekhala igijima.

Ube esencoma itheku. “Ziyenzeka izinto ethekwini, akusafani nakuqala lapho zonke izinto zomculo zazenzeka egoli. Bazomangala abaningi ngalo msebenzi omuhle esiwenzile.

“Ngiyabonga kakhulu nasezinsizweni ebesisebenza nazo, umondli Ngcobo nolungelo Ngcobo,” kubonga ukekana oseke wasebenza nenqwaba yabanye abaculi kuleli.

Umajozi, osebenze nokekana, uthi bazoyikhipha ngenyanga kanhlangulana le-albhamu esihloko sithi “Ubuntu” kanti unxusa abantu ukuthi balindele ulozolo.

Ukekana ungumakade ebona kwezomculo kanti phakathi kwezinkakha aseke nazo kubalwa istimela, UPJ Powers nezinye, kanti ingoma yakhe eyashisa izikhotha ngesihloko sithi “Iphupho”.

knowledge.simelane2ilanganews. co.za

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Usteve Kekana esestudyo ethekwini ngolwesithathu eqopha i-albhamu yakhe yama-45.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.