ISEXWAYISO ESISHUBILE KUBADLALI BE-PIRATES

Umicho ufuna bakhohlwe ngeyecala likandoro

Ilanga langeSonto - - Front Page - SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-orlando Pirates, umilutin “Micho” Sredojevic, udonse ngendlebe abadlali bakhe ukuba bangalinge bayifake emakhanda indaba yecala leAjax Cape Town kodwa bazenzele bona umsebenzi enkundleni.

Ibucs izobhekana nebloemfontein Celtic kowe-absa Premiership ngolwesithathu ngo19h30 e-orlando Stadium, esoweto. Iya kulo mdlalo nje, indaba esematheni ngeyokuthi kungenzeka igixabezwe ngamaphuzu amathathu uma kuwukuthi icala elibekwe i-ajax lokudlalisa utendai Ndoro kungafanele liyayilahla.

Leli cala selidluliselwe ukuba liqulwe yifederation of International Football Association (Fifa) kwazise lithinta nekilabhu yangaphandle kwaseningizimu Afrika, i-al Faisaly yasesaudi Arabia.

Undoro uqale isizini edlala kwibucs, wayishiya wajoyina i-al Faisaly, wavumbuka kwi-ajax ngokuqala kwalo nyaka.

Imigomo yefifa kayikuvumeli ukuba umdlali agijimele amakilabhu amathathu ngesizini eyodwa.

Umxazululi ozimele, unassir Cassim SC, unqume ngolwesithathu ukuba undoro angabe esadla- la kwi-ajax kodwa waluleka ukuba ipremier Soccer League (PSL) udaba iludlulisele kwififa.

Abalandeli bebucs sebeqalile ukujabula njengoba bekholwa wukuthi uma ififa ilahla i-ajax bazobuyiselwa amaphuzu amathathu athathwe yi-urban Warriors ibehlula.

Bakholwa wukuthi la maphuzu azobasiza ukujomba imamelodi Sundowns esicongweni se- log yalesi sigaba.

Kuthiwa umoya wenjabulo uyavunguza nakubadlali bepirates njengoba ilokhu isabalala imibiko yokuthi lolu daba ludluliswe kwififa nje, yingoba lingase liyigojele i-ajax.

Usredojevic udonse ngendlebe abadlali bakhe ngalesi simo seAjax nabo esibathintayo.

“Sonke sibhekile ukuthi kuzokwenzakalani ngaleli cala kodwa yinto okungafanele siyifake emakhanda ngoba kusengenzeka noma yini.

Into emqoka okufanele abadlali bami bayenze wukuba bazilwele bona ensimini bangabheki amacala ngoba ingabaphazamisa umqondo.

Siwugaqele ngabomvu lo mdlalo weceltic futhi noma kanjani kufanele siwunqobe,” kusho usredojevic.

ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES

UMQEQESHI we-orlando Pirates, umilutin Sredojevic uthi abadlali bakhe abakhohlwe ngekandoro.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.