YIZINKANI ZABABILI EMBANGWENI WESIKASIHLALO WE-DA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - NEWS 24

NAMHLANJE amehlo abaningi athe njo engqungqutheleni eqhubekayo kazwelonke yedemocratic Alliance (DA), lapho leli qembu lizobe likhetha ubuholi balo obusha.

Akwaziwa-ke ukuthi izozala nkomoni kulolu khetho.

Umbango oshisa kakhulu ngowesikhundla sikasihlalo weqembu ophakathi kukamnu Solly Msimanga oyimeya yasetshwane, nomnu Athol Trollip ongusihlalo we-da njengamanje futhi oyimeya yasenelson Mandela Bay.

Umnu Trollip utshele abeNews24 ukuthi unethemba lokuthi uzothola ukwesekwa okwanele ukuthi aqhubeke njengosihlalo weqembu.

Nokho uvumile ukuthi uku- banga lesi sikhundla nomnu Msimanga kuzoba nzima.

Umnu Msimanga naye uthe wethemba ukuthi kwenziwe umsebenzi owanele ukuba anqobe embangweni walesi sikhundla. Uthi mningi umsebenzi awenzile nethimba lakhe ukukhankasela lesi sikhundla.

Zibalelwa kwizi-2000 izithunywa ezethamele le ngqungquthela.

Kubhekwe ukuba kudingidwe nangamaqhinga namasu I-DA ezowasebenzisa okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ozayo.

Umholi waleli qembu umnu Mmusi Maimane ethula inkulumo yakhe izolo, uthe IDA kumele ihlale izithobile nakuba ikhula.

Umnu Trollip uya kulolu khetho nje, usahaqwe yizinkinga kumasipala womkhandludolobha inelson Mandela Bay ayimeya kuwona, njengoba iqembu LE-EFF lilokhu lisikaza ukumsusa kulesi sihlalo.

Lokhu likuveze ngemuva kokuba IDA ingazange ikweseke ukushintshwa komthethosisekelo ephalamende ukuze uvune ukudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo.

MNU Athol Trollip.

MNU Solly Msimanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.