ISIHLABANI SEKWAITO SIPHILA NGAPHANSI KWEMIBANDELA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UPHILA ngaphansi kwemibandela njengamanje usaziwayo ubrickz, ogama lakhe langempela nguSipho Charles Ndlovu.

Omunye wemibandela aphila ngaphansi kwayo ngothi akufanele ashintshe ikheli lalapho ehlala khona nokuthi futhi angalokothi aphume ngaphandle kwegoli ngaphandle kokwazisa umseshi wecala.

Uyalelwe nokuba abike njalo ngemisombuluko nangolwesithathu esiteshini samaphoyisa ejabulani. Le mibandela ihambisana nebheyili ka-r80 000, ayinikezwe yimantshi ujohn Baloyi, enkanyolo yaseroodepoort, egoli ngolwesihlanu.

Ngontulikazi wezi-2017 inkantolo imthole enecala lokudlwengula intombazana eneminyaka eyi-16 ngolwezi (November) wezi-2013.

Kuthe ngomfumfu (October) nyakenye wagwetshwa iminyaka eyi-15 ebhadla ejele.

Ngenyanga eyedlule inkantolo enkulu egoli isemukele isicelo sakhe sokuba adlulisele isinqumo.

Umfowabo kabrickz, ugrey Mafumbu, utshele abenews24 ukuthi umndeni ujabule ngokwamukela ubrickz ekhaya.

Ummeli kabrickz, upiet du Plessis uthe uvumelekile ukunandisa emicimbini ubrickz.

ISITHOMBE NGABE: CELEBRITY INSIDER

UJABULE umndeni kabrickz, ededelwa ngebheyili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.