UMGADLI ULOBIZELA UKUBINGELELA IZITHA NGENQAKU

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

ULOBIZELA ukubingelela izitha ngegoli udiego Costa ( osesithombeni) we-atletico Madrid eqhathwe nomkhaya ireal Madrid namuhla ngesonto kowe-spanish La Liga.

Ucosta sekuphele amasizini amane egcine ukudlubha ijezi le-atletico ibhekene nereal Madrid njengoba kade esedlalela ichelsea yase-england.

Ngaphambi kokuya e-england, udlale imidlalo eyisikhombisa yeAtletico ibhekene nereal Madrid, kanti kowokugcina uvalele igoli.

Kulowo mdlalo ugareth Bale wereal Madrid ubedlala umdlalo wakhe wokuqala ngemuva kokuthengwa kwiTottenham Hotspur yase-england.

Ngaleso sikhathi ibrazil ibilwela ukuthi ucosta adlalele yona njengoba bekunethuba lokuthi adlalele ispain.

“Ngijabule ngokubuyela espain. Abantu abaningi bazitshela ukuthi ngibuyele ukuzobhekana nereal Madrid kanti akunjalo. Umsebenzi wami wukuzosiza i-atletico esikhombise kaningi ukuthi iyakholelwa kimina. Ngifuna ukuyibonga ngamaphuzu nokunqoba izinkomishi ngakho konke esingenzele khona. Uma livela ithuba lokuhlohla igoli kowanamuhla ngeke ngiliyeke,” kusho ucosta.

Isiyonke imidlalo yespanish La Liga ehlelelwe ukugijinywa namuhla ngesonto imi kanje:

Levante vs Las Palmas 12h00 (SS7).

Real Madrid vs Atletico Madrid 16h15 (SS7).

Real Sociedad vs Girona 18h30 (SS7).

Valencia vs Espanyol 20h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBULUKO

Villarreal vs Athletic Club 21h00 (SS7).

Eye-english Premiership ididiyelwe kanje:NAMUHLA NGESONTO

Arsenal vs Southampton 15h15 (SS3).

Chelsea vs West Ham United 17h30 (SS3).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.