OSAZIWAYO BAJABULISE IZINTANDANE KOKA-LADY D

Ilanga langeSonto - - Front Page - ISITHOMBE NGU-JOHN HLONGWA

UZODWA Wabantu ungomunye wosaziwayo obehambele umcimbi kadudu "Lady D" Khoza wosuku lwakhe lokuzalwa bevakashele izintandane.

ZITHOLE ithuba lokuhlala nokujabula nosaziwayo izingane eziyizintandane ebezimenywe ukuba zibe yingxenye yomgubho wosuku lokuzalwa lomsakazi wokhozi FM, ududu Khoza.

Lezi zingane ebeyingxenye yalo mcimbi obuwenzelwe efan Park Kwmashu, enyakatho yetheku, bezibonakala ngisho ebusweni ukuthi zithole ithuba eliyingqayizivele lokusondelana nosaziwayo, cishe abanye babo ezigcina ngokubabukela kude noma komabonakude.

Bonke osaziwayo bebegqoke umfaniswano wakwawhite Star okuyinkampani ududu Khoza ayinxusa layo.

Isiqubulo salo mcimbi besithi “Lady D Birthday Drive, Children Fun Fair”.

Osaziwayo bebezidlalisa izingane, beziculela, kunanemidlalo yokuzithokozisa ebezihlelelwe yona.

Ududu Khoza ubonge bonke abamesekile ikakhulu inkampani ayinxu- sa layo.

Ubonge nomusa wezihambeli zonke ezifike zazinika isikhathi esanele sokuhlala emcimbini engekho okhala ngokuthi ujahile.

Phakathi kosaziwayo abajabulise izingane kube nguzodwa “Zodwa Wabantu” Libram, Dj Tira, Mshunqisi, Ayanda Ncwane, DJ Kotini nabanye abaningi. Bese kuwunyaka wesibili lo mcimbi ubakhona kanti uzophothulwa kusasa E-UCCSA khona Kwamashu, kwak.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

UZODWA Wabantu kwesokunxele, nodudu Khoza bethokozisa izingane emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukadudu Khoza ongumsakazi wokhozi FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.