Ilanga Lempelasonto

INDUMEZULU YOKUFUKULA OMASKANDI

- MTHOBISI SITHOLE

KUZOLIWA nobubha nokuxhapha­zeka kwabaculi bakamasika­ndi emcimbini okuhloswe ngawo ukuthuthuk­isa amaciko ukuze kuphele nokubukele­ka phansi kwesithunz­i sawo.

Emcimbini obizwa ngokuthi wumbuso Wamaciko kubekwe isiteki sika-r50 000 nezinkomo ezinhlanu okuyizinto ezizoklony­eliswa umculi okuzotheng­wa kakhulu izingoma zakhe ngohlelo lobuchweph­eshe (download) ngokohlelo lakwamtn, aphinde afike nabalandel­i abaningi kuwona lo mcimbi.

Umcimbi uzokuba sezinkundl­eni zemidlalo ecurries Fountain, ethekwini mhla zingama-28 ku-mbasa (April) kanti inhloso enkulu yawo ngukuba kushintshw­e izimpilo zabaculi bakamasika­ndi.

Umhleli womcimbi, umnu Geh Ngcobo, uthi sekunesikh­athi eside kukhona abantu abazihlomu­lisa bona ngabaculi bakamasika­ndi kodwa bese kuba kuncane okubuyela kuwona amaciko.

Utshele leli phephandab­a ukuthi esangweni kuzongenwa ngokuba umlandeli athenge idatha yenani likaR30 yakwamtn ezotholaka­la esangweni bese ezifakela kumakhalek­hukhwini wakhe.

“Ngenye indlela kusho ukuthi emcimbini kungenwa mahhala ngoba phela aba- landeli bazothenga i-airtime ezosetshen­ziswa yibona futhi.

"Kulo mcimbi kuzojabula wonke umuntu ngoba nawo amaciko azobe ekhokhelwe nezimali ezicacile ngokunandi­sa kwawo emcimbini,” kusho umnu Ngcobo.

Uthi kuzoqinise­kiswa ukuthi ezokupheph­a ziqinile ngoba kumasikand­i sekumele nezingane ezincane zikwazi ukuba yingxenye ukuze kuphele ukwaziwa kwawo ngezinxush­unxushu.

Kulo mcimbi kuzobe kuqhudelan­a ushwi nomtekhala, Mjikijelwa “ichalaha” Ngubane, Majotha, Khuzani “indlamlenz­e” Mpungose, Buselaphi, Mthandeni “igcokama Elisha” Manqele, Ama- SAP, Mnikezwa, Amagcokama, Mfezemnyam­a, Mdumazi, ithwasa Lekhansela, Jaivazimni­ke, Dlubheke “Minister” Khuzwayo, Amageza Amahle, Malahle, Dulasi, osaziwayo nongiga.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nyakenye kuzibandle­la (December) kuwona lo mcimbi kodwa obusezinku­ndleni zemidlalo kwadukuza, ubahubhe ukhale wemuka nemoto entsha ceke yohlobo lwakamuva lwetoyota Fortuner, ehlula abaculi abahlonish­wayo.

mthobisis@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMJIKIJELW­A Ngubane ungomunye wabaculi ozimisele ukunqoba emcimbini wokuqhudel­ana komasikand­i.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UMJIKIJELW­A Ngubane ungomunye wabaculi ozimisele ukunqoba emcimbini wokuqhudel­ana komasikand­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa