INDUMEZULU YOKUFUKULA OMASKANDI
KUZOLIWA nobubha nokuxhaphazeka kwabaculi bakamasikandi emcimbini okuhloswe ngawo ukuthuthukisa amaciko ukuze kuphele nokubukeleka phansi kwesithunzi sawo.
Emcimbini obizwa ngokuthi wumbuso Wamaciko kubekwe isiteki sika-r50 000 nezinkomo ezinhlanu okuyizinto ezizoklonyeliswa umculi okuzothengwa kakhulu izingoma zakhe ngohlelo lobuchwepheshe (download) ngokohlelo lakwamtn, aphinde afike nabalandeli abaningi kuwona lo mcimbi.
Umcimbi uzokuba sezinkundleni zemidlalo ecurries Fountain, ethekwini mhla zingama-28 ku-mbasa (April) kanti inhloso enkulu yawo ngukuba kushintshwe izimpilo zabaculi bakamasikandi.
Umhleli womcimbi, umnu Geh Ngcobo, uthi sekunesikhathi eside kukhona abantu abazihlomulisa bona ngabaculi bakamasikandi kodwa bese kuba kuncane okubuyela kuwona amaciko.
Utshele leli phephandaba ukuthi esangweni kuzongenwa ngokuba umlandeli athenge idatha yenani likaR30 yakwamtn ezotholakala esangweni bese ezifakela kumakhalekhukhwini wakhe.
“Ngenye indlela kusho ukuthi emcimbini kungenwa mahhala ngoba phela aba- landeli bazothenga i-airtime ezosetshenziswa yibona futhi.
"Kulo mcimbi kuzojabula wonke umuntu ngoba nawo amaciko azobe ekhokhelwe nezimali ezicacile ngokunandisa kwawo emcimbini,” kusho umnu Ngcobo.
Uthi kuzoqinisekiswa ukuthi ezokuphepha ziqinile ngoba kumasikandi sekumele nezingane ezincane zikwazi ukuba yingxenye ukuze kuphele ukwaziwa kwawo ngezinxushunxushu.
Kulo mcimbi kuzobe kuqhudelana ushwi nomtekhala, Mjikijelwa “ichalaha” Ngubane, Majotha, Khuzani “indlamlenze” Mpungose, Buselaphi, Mthandeni “igcokama Elisha” Manqele, Ama- SAP, Mnikezwa, Amagcokama, Mfezemnyama, Mdumazi, ithwasa Lekhansela, Jaivazimnike, Dlubheke “Minister” Khuzwayo, Amageza Amahle, Malahle, Dulasi, osaziwayo nongiga.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye kuzibandlela (December) kuwona lo mcimbi kodwa obusezinkundleni zemidlalo kwadukuza, ubahubhe ukhale wemuka nemoto entsha ceke yohlobo lwakamuva lwetoyota Fortuner, ehlula abaculi abahlonishwayo.
mthobisis@ilanganews. co.za