UMNGQITHI UYAZIQHENYA NGENDODAKAZI YAKHE

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

UMQEQESHI wemamelodi Sundowns uthi uyazigqaja ngendodakazi yakhe elingisa emdlalweni owuchungechunge Isibaya, okhonjiswa kumzansi Magic phakathi nezinsuku.

Umanqoba Mngqithi (osesithombeni esincane) , oyiphini lomqeqeshi kuleli qembu eliqengqeleza phambili kwi- log, uthi nakuba ebekulindele ukubona indodakazi yakhe kumabonakude kodwa ubengalindele ukuthi izosheshe ithole indawo enedumela njengale eyidlalayo manje kulo mdlalo. Umngqithi unguyise ka-asavela odlala indawo kantwenhle okuthiwa uyindodakazi kamandla Ndlovu (Bongani Gumede) kulo mdlalo othandwa ngabaningi kuleli. Ekhuluma neLANGA LangeSonto umngqithi uthi akethuki uma ebona indodakazi yakhe igila izimanga ngoba ukulingisa yinto vele eyifundele futhi eyithandayo. “Bengazi ukuthi ukule nto yokulingisa kodwa bengithi uzoqala ngokuthola izindawo ezincane. Ngiyajabula ukuthi uqale ngegiya eliphezulu,” kusho umngqithi enge- za ngokuthi uyazigqaja ngomsebenzi wendodakazi yakhe. Uqhuba ngokuthi uzoyeseka kulo mkhakha engena kuwona inqobo nje uma izoziphatha kahle, ihloniphe umsebenzi wayo.

“Njengomzali kuwumsebenzi wami ukuyeseka emkhakheni engena kuwona,” kusho umngqithi.

Uthe akanankinga nendawo elingiswa yindodakazi yakhe kulo mdlalo ngoba uyakuqonda ukuthi yenza umsebenzi, ayiyona le nto eyilingisayo.

Untwenhle kulo mdlalo uyintombazane ephuza utshwala futhi ebuye ithathwe njengeqola.

U-asavela naye uthi uyalijabulela ithuba alitholile lokulingisa kulo mdlalo.

“Ukulingisa yinto engiyifundele futhi engiyithandayo ngakho ukudlala kulo mdlalo kusho lukhulu kimina,” kusho lo mlingisi ofundele lo mkhakha esikhungweni semfundo ephakeme, I-AFDA, Durban Campus.

Uthi lona wumdlalo wokuqala kumabonakude alingisa kuwona futhi usazi- misele ngokufunda okuningi ngalo mkhakha. Uqhube wathi nakuba kukhona okuncane okufanayo phakathi kwakhe nendawo ayidlalayo kodwa kuningi okwehlukile.

“Into engingathi siyafana ngayo nontwenhle wukuthi ngiyazikhulumela nje kuphela,” esho.

Uphethe ngokuthi kuyamjabulisa ukwesekwa akuthola kubazali bakhe.

lucky.cain@ilanganews.co.za

INDODAKAZI kamanqoba Mngqithi, u-asavela, odlala indawo kantwenhle emdlalweni owuchungechunge, Isibaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.