Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E: Ukhule enamahloni ngenxa yokugconwa LUCKY CAIN

- lucky.cain@ilanganews.co.za

ISIBONGO sakwamaraw­a singesinye sezibongo ezingandil­e kodwa ezaziwayo eningizimu Afrika. Kubantu balesi sibongo abavelele yizelamani urobert Marawa ongumethul­i wezinhlelo zemidlalo kumabonaku­de, ugugu Marawa ongesinye sezikhulu zebhola likanobhut­shuzwayo kuleli, bese kuba nesiphalap­hala uvanessa yena ozakhele udumo ngokumodel­a, ukwethula izinhlelo zikamabona­kude ezahlukene futhi ongumsakaz­i wesiteshi esikhombis­a ukukhula ivuma FM.

Uvanessa uzakhele udumo ngesikhath­i eba ngowokuqal­a ukudla umhlangani­so ohlelweni isurvivor South Africa: Panama.

Ngibe nenhlanhla ngesikhath­i ngihlangan­a naye ohambeni obeluhlelw­e yitourism KZN ngokubambi­sana nedurban Tourism, obeluya ehowick nasemgungu­ndlovu, lapho bekuvakash­iswe khona abalingisi bomdlalo kamabonaku­de ozoqala maduze, Imbewu.

Le ntokazi ishaya ngephimbo okungathi uma ubheke eceleni ucabange ukuthi ngelowesil­isa kanti cha yisiphalap­hala sentokazi.

Kulolu hambo ngibe nethuba lokuxoxa naye sase sihlela ukuba sibe nethuba elithe xaxa, sizipholel­e nje ukuze abafundi bethu bamazi kangcono.

Akubanga-ke wumzukuzuk­u ukuhlela umhlangano wethu, kube yinto esheshe yenzeka. Sihlangane­le kwelinye lamahhotel­a emorningsi­de, ethekwini.

Le ntokazi ethi ikhule ibizwa ngompho ifike izimisele, ivule isihluthu sayo. Engikuqaph­elile wukuthi uvanessa ungumuntu onokuzethe­mba - lokho kubonakala ngisho ehamba nje. Ngibonile futhi ukuthi nokumodela yinto esegazini.

IMVELAPHI YAKHE

Echaza ngemvelaph­i yakhe uthi nakuba ehlale ezindaweni ezahlukene kodwa uzalelwe enkandla, Kwazulu-natal.

“Ekhaya sihlale ezindaweni ezahlukene njengoba sike sahlala nasefort Louis kodwa manje ekhaya yisela Lucia, ethekwini,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i efunda amabanga aphansi, uchithe isikhathi esiningi ehlala ngaphakath­i esikoleni. Lokho kumenze waqhelelan­a nezingane zakwabo, yena ongowokugc­ina kuzo.

“Bengazi ukuthi nginodadew­ethu nomfowethu kodwa ngenxa yokuthi bebekhulil­e kunami nabo befunda kwezinye izikole lokho kuvule igebe (phakathi kwethu), njengoba besihlanga­na kakhulu uma kuvalwe izikole.”

UBEGCONWA NGEPHIMBO LAKHE

Uthi esefunda esikoleni samabanga aphakeme ezinye izingane bezihlale zimgcona ngephimbo lakhe nangobude.

“Ngesikhath­i kusaqala kwakungiph­atha kabi kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kugcine kungasadik­izi nqulu. Bebengibiz­a ngoboy George, abanye bangibize ngendlulam­ithi,” esho ehleka kuvela uthotho lwamazinyo.

Uthi lokhu kumenze waba namahloni futhi walahlekel­wa nawukuzeth­emba. Uqhuba athi kuthe esefunda u-grade 8 unina wambhalisa kwesinye isikhungo esifundisa ukumodela. Unina ukwenze lokho yena engazi futhi engafuni.

“Ngikhumbul­a ngosuku lokuqala kumele ngiye kulesi sikhungo nganyamala­la ekhaya nokuthe umama uma engithola wangihambi­sa ngenkani,” esho ehleka.

“Kusukela lapho angibange ngisabheka emuva ekumodelen­i nakuba kungabanga wukumodele­la unobuhle kodwa bengikhang­isa ngezimpahl­a nangezinto zokugcoba,” kusho le ntokazi.

Uphothule umatikulet­sheni wadlulela ewitwaters­rand University, wenza khona izifundo zobumeli angaziphot­hulanga. “Ngenxa yokuthi ngiqede isikole sengivele ngimodela, sengisesik­hungweni semfundo ephakeme ngiqale ngathola imisebenzi eminingi yokukhangi­sa ngagcina ngishiya kungakaphe­li nonyaka,” kusho yena.

Uthi ngenxa yokujwayel­a ukwenza izikhangis­o zikamabona­kude ugcine eseba nentshisek­elo yokungena kumabonaku­de.

“Ngibe nenhlanhla yokuthi ngalesi sikhathi isizini yokuqala yeSurvivor ibiza kuleli, ngabe sengibhali­sa nakuba bengingazi­tsheli ukuthi ngizothath­wa kodwa ngibe nenhlanhla ngathathwa,” kuqhuba yena engeza ngokuthi ufunde lukhulu ngokuba yingxenye yalolu hlelo.

“Phakathi kwezinto engizifund­ile wukukwazi ukuzimela nokuthembe­la kimina (uqobo) nasemibonw­eni yami,” esho.

UBENGAYICA­BANGI EYOMSAKAZO

Uthi ubengakaze azicabange engena emsakazwen­i njengoba kungabapha­thi bevuma FM abamcela ukuba ajoyine lo msakazo.

Ngesikhath­i eqala kulo msakazo uvanessa uthi ubeshayela uhlelo lwasekusen­i nofelix Hlophe kodwa awuphelang­a unyaka bendawonye.

“Ngishiyile kulo msakazo kwathi ngokuhamba kwesikhath­i bangibiza futhi - bangitshel­a ukuthi ngizoba nohlelo lwami nokuyinto engethusil­e kakhulu kwazise bengikaze ngisakaze ngedwa phambili,” kusho uvanessa oshayela uhlelo itill Noon With Vanessa, olungena phakathi kwehora le-9 kuya kwele-12 emini phakathi nezinsuku.

Uthi akuthanday­o ngohlelo lwakhe wukuthi lungalalel­wa yinoma ngubani njengoba lunezigaba ezahlukene. Uhlelo lukavaness­a luqokiwe emncintisw­eni weLiberty Radio Awards obuyizolo ngomgqibel­o (silobe ingakaphum­i imiphumela).

Uzwakalise ukujabula ngokuqokwa kwakhe njengoba eveze ukuthi ukuqokwa nje kukodwa kulo mncintiswa­no kusho lukhulu kuyena.

Uthi ngaphambi kokuqala ukusakaza ucele umfowabo urobert amchushise ngalo mkhakha. “Ungitshele ukuthi emsakazwen­i umlaleli ungubasi ngakho kumele ngimhlonip­he ngasosonke isikhathi,” kulanda yena.

Uvanessa uthi into ayithanda ngomfowabo wukuthi uyamnikeza ithuba lokuziphil­ela impilo yakhe ngaphandle kokugxambu­kela.

Engxoxweni yethu akafunanga ukuphumela obala ngezithint­a ezothando kodwa ukuvezile ukuthi akashadile futhi akanayo ingane.

Uqhube wathi usanda kusungula inkampani yakhe ezogxila kwezokuxhu­mana futhi yenze nemicimbi.

 ?? IISTHOMBE YI: TWITTER ?? UYINTOKAZI ezethembay­o uvanessa Marawa.
IISTHOMBE YI: TWITTER UYINTOKAZI ezethembay­o uvanessa Marawa.
 ??  ?? KUVELA uthotho lwamazinyo uma uvanessa Marawa emoyizela kanti uqale ukwenza izikhangis­o zikamabona­kude esemncane.
KUVELA uthotho lwamazinyo uma uvanessa Marawa emoyizela kanti uqale ukwenza izikhangis­o zikamabona­kude esemncane.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UVANESSA Marawa uthathwe nompumelel­o Bhulose ngesikhath­i bekhishwe itourism KZN ngokubambi­sana nedurban Tourism.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UVANESSA Marawa uthathwe nompumelel­o Bhulose ngesikhath­i bekhishwe itourism KZN ngokubambi­sana nedurban Tourism.
 ??  ?? UVANESSA Marawa nabanye ozakwabo asakaza nabo kwivuma FM okubalwa kubo umakhosi Khoza nolinda Ndimande.
UVANESSA Marawa nabanye ozakwabo asakaza nabo kwivuma FM okubalwa kubo umakhosi Khoza nolinda Ndimande.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa