USEYAMODELA U-K.O. WE-CARACARA

Ilanga langeSonto - - Izithombe - ZOWAKHA MBATHA

USENGENE shi kwezemfashini UK.O. ( osesithombeni) ogama lakhe langempela nguntokozo Mdluli oqale ukugqama eqenjini le- hip hop, iteargas eminyakeni eminingi edlule.

U-K.O. okhunjulwa ngabaningi ngengoma icaracara ubemodela kwisa Fashion Week ngolwesihlanu edlubhe ezikapaledi Segapo odume nangokugqokisa osaziwayo ikakhulukazi umculi udonald.

UK.O. odabuka empumalanga, nobese kubukeka sengathi uyacwila emculweni, unezakhe izimpahla azikhiqizayo. Inkampani yakhe nothabiso Kathi icashtime Life igcine ifadalala emuva kokushiywa yinqwaba yabaculi okubalwa kubo unomuzi Mabena (Moozlie), Bonginkosi Mahlangu (Kid X) no-ezee Hanabe (MA-E) ngenxa yezingqinamba.

Ilebuli yezakhe izimpahla ayethule ngomasingana (January) ngonyaka odlule yidustnkompany. Nangesikhathi kusenecashtime Life kukhona izimpahla abebezikhiqiza ngowezi-2014 kodwa zashaywa kakhulu wukudayisa emgwaqweni, ziwombombayi.

Ephawula ngokumodela uthe ulekelelwa yisithandwa sakhe, angasibizanga ngegama, ukumluleka ngokuthi anyakaze kanjani. “Ngisesimeni esikahle kakhulu manje, yingakho konke engikwenzayo ngikuhlelele kahle,” ekhuluma ohlelweni lukadj Fresh kwimetro FM, kuzwakala nokuthi ukhululekile, akafani nok.o. waphambilini obegcwele ukupensa.

Ngale kokumodela unengoma entsha, iswagganova, asanda kuyiqophela i- video esitholakala.

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.