USEZOQHUBEKA NOKUSAKAZA IKHUMBULEKHAYA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - makhoba@ilanganews.co.za

SANDILE MAKHOBA

BAGCINE befinyelele esivumelwaneni abakhiqizi bohlelo oluyintandokazi KWISABC 1 ikhumbulekhaya, nomethuli walo u-andile Gaelesiwe, okubikwe ukuthi ubesabisa ngokululaxaza uma enganikwa iholo alifunayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule ILANGA Langeso

nto libike ukuthi isimo besingesihle phakathi kuka-andile nenkampani ekhiqiza ikhumbulekhaya, i-urban Brew, bekunokungqubuza ngendaba yeholo.

Ukushayisana kwabo kuze kwathikameza nokuqala kokuqoshwa kwesizini entsha yalolu hlelo, kwabuyiswa iziqephu zalo ezindala.

Ngolwesithathu kuleli sonto u-andile uqalile ukwethula isizini entsha yalolu hlelo, kwacaca ukuthi ingqinamba ebikhona igcine isonjululiwe. Ethintwa yintatheli YELANGA

Langeso-nto u-andile ngolwesine uvele washo ngohleko oluncane wathi: “Ngangishilo ukuthi ngeke ngishiye abalandeli bekhumbulekhaya kanjalo nje, kodwa angithandi ukuphawula ngezezimali njengoba ngangishilo nasekuqaleni ukuthi angivumelekile ukukhuluma ngezimali.”

Phambilini imithombo yayiveze ukuthi okususe ukungqubuzana phakathi kuka-andile nabe-urban Brew wukuthi u-andile ubesefuna ukwenyuselwa imali ifinyelele ku-r25 000 ngohlelo ngalunye, isuka ku-r15 000.

Okhulumela i-urban Brew ulawrence Molepo akathandanga ukuqinisekisa indaba yamaholo ngesikhathi ekhuluma NELANGA

Langeso-nto phambilini. Wathi leyo ithinta isisebenzi nomqashi.

ISITHOMBE NGABE: NEWS24.COM

UYAQHUBEKA nokusakaza ikhumbulekhaya u-andile Gaelesiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.