UYOKWENZENJANI MHLA IZIGELEKEQE ZIGADLA KUWE EMZIMBENI?

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

THE EQUALIZER 2 UMQONDISI: Antoine Fuqua ABADLALI ABAPHAMBILI: Denzel Washington (Robert Mccall), Pedro Pascal (Dave York), Ashton Saunders (Miles Whittaker), Bill Pullman (Brian Plummer), Melissa Leo (Susan Plummer) UHLOBO: Crime/ Action/ Thriller IMINYAKA: 16 D/L/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

KANGINGABAZI nakancane ukuthi abalandeli bakadenzel Washington bazobhema bakholwe kule filimu, nalabo abangathandi kangako amafilimu anempi njengoba ethandwa (Denzel) kakhulu yisifazane ngendlela abebukeka ngayo esakhula.

Le filimu ilandela eyokuqala ephume ngo-2014 ebisuselwa emdlalweni wethelevishini.

Phambilini umccall ubeyisotsha waphinde wasebenzela nombutho wezomthetho ozimele njengoba manje abuye abe ngumshayeli oqashwayo. Lokhu kukubeka esithombeni nje sokuthi impi yinto ayicijelwe kakhulu nokuyikho akwenzayo la emuva kokubulawa komngani wakhe ususan.

Baningi abenzela okuhle, ebahlenga ngaphambi kokuba ifinyelele kulolu vuthondaba lokubulawa kukasusan obephenya icala lokufa kukazakwabo nenkosikazi yakhe ebrussels.

Okukamccall manje wukuphenya icala lokubulawa kukasusan, naleli cala abulawe eliphenya nokuyikho okuwumnyombo wale filimu kuze kuvele ukuthi uyork lo obesebenza nosusan uphakathi kulo mshikashika. Uzivumela yena uyork ukuthi nguye obulale uzakwabo ngoba ebona ukuthi uzoveza ukuthi uyathinteka ekufeni kukazakwabo abebephenya icala lakhe ebrussels.

Kusuka isidumo sekumele avikele ubrian ongumyeni kasusan osesengcupheni yokubulawa yilaba baphenyi. Lindela noma yini eyisikhali esibulalayo la. Ingene ngolwesihlanu e- cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

KUNGIPHATHE kabuhlungu ukungawaboni nhlobo ohlwini lwamafilimu ayishumi ahambe phambili ngokubukwa awakuleli ngempelasonto edlule yomhlaka-17-19 kuncwaba (August), nakuba emaningana ase- cinema njengamanje. Lumi kanje lolu luhlu oluphelele kanti INCREDIBLES 2 isephambili ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku: R52 032 719

1. MEG

2. SPY WHO DUMPED ME

3. MISSION IMPOSSIBLE: FALL OUT 4. MAMMA MIA: HERE WE GO AGAIN! 5. STROOMOP

6. CHARMING

7. CHRISTOPHER ROBIN 8. INCREDIBLES 2

9. ALPHA

10. SKYSCRAPER

ISITHOMBE: MINIMAX CINEMA

NGESINYE sezigigaba lapho umccall eshaya khona isibhamu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.