SIYANETHWA E-HARRY GWALA STADIUM

Ilanga langeSonto - - Imibono -

MHLELI, yaze yabuhlungu into eyenzeka kubathandi bebhola, abanokuyolibukela enkundleni iharry Gwala.

Sekukaningi ngiyobukela ibhola kule nkundla. Kunento eyodwa engiphatha kabi enginokuzwa njalo abantu bekhuluma ngayo kodwa akukho shintsho olwenzekayo.

Iqalile nje imidlalo YEPSL, abantu bazophela yizimvula. Umbuzo wami munye - kungani iharry Gwala Stadium inompheme ohlangothini olulodwa kodwa kolunye ungabi bikho ekubeni kukhokhwa imali efanayo yokungena?

Le nkundla injalo nje ayinaso ngisho i- screen njengezinye izinkundla lapho uzobona izinto ezifana nonyawo lonwabu kwazisholo uzama Masondo. Abantu banethwa yimvula abanye behleli ntofontofo ngaphesheya njengoba kunompheme.

Lezi zikhulu zakhona la emgungundlovu uzibona zinethezekile ziphuza ikhofi elishisayo zibuka umdlalo, thina babukeli sidixwa yimvula kule ngxenye yenkundla engenawo umpheme.

Le nto iqeda uthando lokuyobukela ibhola ngoba wazi kahle ukuthi abantu bazonqwabelana kulolu hlangothi olunompheme. Uma ube nebhadi wahlala kule ndawo engenawo umpheme, uzophuma uyidixa.

Siyalithanda ibhola kodwa phela asicatshangelwe.

Mzokhona Mdu Gcabashe KWANYAVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.