Ujabule wabuya nganeno owepirates

Kululame abadlali abayinsika

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UJABULE wabuya nganeno umqeqeshi we-orlando Pirates ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku. Ibucs izobhekana nomakoti beligi iblack Leopards kowe-absa Premiership ngolwesibili ngo19h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Ibucs iya kulo mdlalo nje, iyiqale kabi imidlalo yeligi njengoba isanqobe umdlalo owodwa kwemine.

Umqeqeshi wayo, umilutin “Micho” Sredojevic ujabule wabuya nganeno ethola izindaba zokuthi abadlali bakhe ababili, uluvuyo Memela nothembinkosi Lorch sebeluleme, usengakwazi ukubasebenzisa.

Isizathu salokho wukuthi uphinde wathola umbiko kodokotela bekilabhu wokuthi umusa Nyatama odlala esiswini usezwa izinhlungu eqakaleni akagijimi ngokukhululeka.

Kuthiwa odokotela baphinde bamtshela ukuthi no-augastine Mulenga ongumgadli ukhala ngo- kudonseka kwamamasela ethangeni.

Usredojevic uthe: “Isicefe ngebhola yilesi-ke uthi usajabulela ukubuya kwabanye abadlali kuvele kulimale abanye.

"Njengamanje sibhekene nesimo esinzima ekilabhini njengoba siyiqale kabi imidlalo yeligi.

"Kodwa-ke uvalo anginalo, sinabadlali abaningi kabi eqenjini lethu abangangena bawenze umsebenzi.

"Lo mdlalo kufanele siwunqobe kumnyama kubomvu.

"Into eyinkinga nje wukuthi wonke amakilabhu esibhekana nawo afuna ukuzibonakalisa. Sibhekene nenkulu inkinga,” kusho usredojevic.

Uthi akufanele bayithathe kancane ileopards ngoba ingomakoti beligi njengoba lokho kungabadalela inkinga.

Ujoel Masutha ocija ileopards uthi akanavalo noluncane ngeBucs.

“Empeleni ayikho ikilabhu esiyinqenayo thina. Indlela esidlala ngayo yenza singesabi muntu.

"Abadlali bami baqatha kodwa into engiyesabayo nje wukuthi uma sidlala namakilabhu okuthiwa makhulu bavele bafune ukuzidayisa kuwona bese siba nenkinga.

"Lo mdlalo siwubhekile futhi sizoyimangaza ipirates,” kusho umasutha.

Imidlalo ye-absa Premiership isiyonke phakathi nezinsuku iqhathwe kanje: NGOLWESIBILI

Epeter Mokaba Stadium: Black Leopards vs Orlando Pirates 19h30.

Egoble Park: Free State Stars vs Cape Town City FC

19h30.

NGOLWESITHATHU Eprincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Polokwane City 19h30.

Elucas Moripe Stadium: Supersport United vs Chippa United 19h30.

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Amazulu FC 19h30.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Bloemfontein Celtic 19h30.

Epeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Highlands Park

19h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.