ISILILO NGOKUDLULA KWENSIKA YE-IFP

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UKUDLULA emhlabeni kwesigayigayi senkatha Freedom Party (IFP), umnu Thandabantu David “Gandaganda” Ntombela ngolwesine kusihlwa kumshaqise kakhululu umholi waleli qembu, inkosi Mangosuthu Buthelezi.

Umnu Ntombela ushonele ekhaya kwakhe e-elandskop, emgungundlovu, eseneminyaka engu-93.

Ubeyilungu eliqavile LE-IFP kanti uke waba yilungu lesigungu esiphezulu seqembu (National Council Member). Ubeyilungu lesishayamthetho Kwazulu-natal kusukela ngo-1989 kwaze kwaba wu-1994. Umntwana ubuthelezi edlulisa amazwi enduduzo uthe: “Sikhalisana nomndeni wakhe wonke, nombutho wethu emgungundlovu. Siyakhala sonke ngokulahlekelwa ngomunye wezinsika zaleli qembu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.