SIHLAZIYA AMA-CD

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UMCULI: NOZIBUSISO VEZI ISIHLOKO: JOURNEY IN FAITH UHLOBO LOMCULO: GOSPEL UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 8/10

UYASHAYA unozibusiso, ucula uhlobo lomculo we-gospel osa-classic, ulandele isitayela sojoyous Celebration. Izingoma zakhe zimnandi, ucula ngolimi lwesizulu nesingisi. Udlalelwa ngabadlali abasezingeni eliphezulu. Unephimbo elimtoti, ngeke uzisole uma uthenge le albhamu. Ziyisihlanu kuphela izingoma kule albhamu. Iyatholakala ezitolo noma kushayelwe kule nombolo kamakhalekhukhwini ethi: 071 679 2125

UMCULI: KOMMANDA OBBS UHLOBO LOMCULO: HIP HOP UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 7/10

UMA ungumthandi womculo waseAfrika uzobhema ukholwe kule albhamu yale nsizwa. Uxubile umculo wayo, uthakwe ngendlela emnandi ekushiya ufuna impinda. Ziyi-13 izingoma kule albhamu, zimnandi zonke, kuculwa nangesintu. Iyatholakala ezitolo zomculo kulo lonke leli.

UMCULI: KHOISAN MAXY ISIHLOKO: WHY UVUMA? UHLOBO LOMCULO: AFRO JAZZ UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 7/10

UCULA umculo othi mawufane noweMafikizolo ukhoisan Maxy. Uyanyakisa umculo wakhe, nezinsimbi zawo zithakwe kamnandi, iphimbo lakhe liyavuma. Ziyi-12 izingoma sezizonke kule albhamu. Zigxile othandweni zonke. Iyatholakala ezitolo zomculo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.