SIZIPHOLELE

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

isithembu nomunye wesifazane wasemgungundlovu.

Ebuzwa ngale mibiko, uthe uzalelwe esithenjini ngakho akasexwayi.

“Kuke kwangifikela kodwa yinto engingasayiboni ukuthi isengenzeka okwamanje. Ngijabule kakhulu ngomkami usjabu esesibe ndawonye iminyaka eminingi siwa sivuka ndawonye,” kusho umr Magic enanela ngokuthi zimbili izingane anazo emshadweni kodwa zingu-8 uma sezizonke.

Uthi akukho ukuphumula ebhizinisini njengoba echitha isikhathi sakhe esiningi elikhulisa futhi ehla enyuka phakathi kwegoli netheku.

Uyakuveza ukuthi uma kwenzekile wasithola isikhathi sokuphumula, uzidlalela nezingane zakhe achithe isikhathi nomndeni wakhe.

Uthi ungumlandeli we

Kaizer

Chiefs kodwa kulezi zinsuku udumele ngoba le kilabhu kayenzi kahle.

Utshele leli phephandaba ukuthi maduzane uzokwenza umcimbi wokwethula ngokusemthethweni izikhungo zakhe njengoba kuzoqala ukubhaliswa ekuqaleni kwenyanga ezayo.

Uphethe ngokugabisa ngokuthi isiteshi sakhe imagic Radio sizohloma ngosaziwayo abehlukene kanti yena uzokwethula uhlelo lwasekuseni kusona. l u c k y. cain@ilanganews.

co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.