Akulula ukwethembana kubavikeli bezwe

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

MILE 22

UMQONDISI: Stacy Title ABADLALI ABAPHAMBILI: Mark Wahlberg (James Silva), Lauren Cohan (Alice Kerr), Iko Uwais (Li Noor), Ronda Rousey (Sam Snow), John Malkovich (James Bishop) UHLOBO: Action/ Thriller IMINYAKA: 16 L/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

KUNZIMA ukusebenza ngaphansi komthetho kodwa kube kungumshoshaphansi ngoba kunezimo ezihlale ziphoqa ukuba ukhethe phakathi kwempilo nokuphila. Yikho lokhu okwenzeka kuleli thimba eliholwa ngujames Silva.

Emuva komkhankaso wokuvikela izwe lingabulawa wubuthi obungalishabalalisa lonke, kuvumbuka iphoyisa uli Noor, elizinikela kwabomthetho E-USA.

Unoor uxoxa nezikhulu ukuba zimlekelele ukuphuma emelika bese ezithembisa ulwazi oluzozelekelela ebeziludinga ezinyangeni ezingu-16 ezedlule ukuqeda nya ngalobu buthi.

Iqiniso wukuthi unoor lo ngeke kube lula ukuvumelana nengalo yomthetho ngakufunayo ngokunjalo nokuthi lolu lwazi athi unalo lungathembeka kangakanani njengoba ephendukela uhulumeni wakhe wase-indonesia. Lindela yonke inhlobo yesikhali kule filimu engene ngolwesihlanu e- cinema.

IMPELASONTO edlule yomhla ka-31 August kuya kumhla ka-02 September ishiye IHOTEL TRANSYLVANIA 3: A MONSTER VACATION iqhwakele esicongweni ngokubukwa kodwa KUYIMAMMA MIA: HERE WE GO AGAIN! ebisahleli phambili ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r29 098 413.

Nalu uhlu oluphelele lwamafilimu ayishumi abehamba phambili ngokubukwa:

1. HOTEL TRANSYLVANIA 3: A MONSTER VACATION 2. EQUALIZER 2

3. MEG

4. CRAZY RICH ASIANS

5. SPY WHO DUMPED ME

6. MAMMA MIA: HERE WE GO AGAIN! 7. MISSION IMPOSSIBLE: FALL OUT 8. STROOMOP

9. LOOKING FOR LOVE

10. A.X.L

zowakha@ilanganews.com

ISITHOMBE NGABE: IGN.COM

UMARK Wahlberg (James Silva) ulingisa phambili KWIMILE 22

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.