UTHEMBISA IZINGUQUKO EZINQALA UMQEQESHI WE-ITALY

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

UTHEMBISE izinguquko esikwatini se-italy uroberto Mancini ongumqeqeshi walesi sikwati esidlale ngokulingana kuba ngu-1-1 nepoland emdlalweni wokuvula kaGroup A kwinations League ngoLwesihlanu.

Lo mqeqeshi ubeqhuba lesi sikwati okokuqala emdlalweni omqoka. Uqashwe ngemuva kokuba i-italy ihluleke ingcaca ukubamba iqhaza kwindebe yomhlaba ebiseRussia muva nje.

"Iqembu lethu lizobuyela ezingeni elifanele. Kunabadlali abasebancane ngeminyaka yobudala engizama ukubadidiyela esikwatini. Isiwombe sesibili singikhombisile ukuthi abadlali bethu abancane kuningi abazosenzela khona.

"Ngijabule ngendlela adlale ngayo umario Balotelli. Yize egcine ukumela izwe emdlalweni omqoka ngo-2014, kodwa ukhombisile ukuthi ungumdlali wezinga eliphezulu.

"Nokho ngiphoqelekile ukumkhipha ngoba kuyacaca ukuthi akekho qatha ngokwanele," kusho lo mqeqeshi oke walolonga imanchester City evikela inkomishi yeEnglish Premiership.

UROBERTO Mancini ongumqeqeshi we-italy.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.