UGIGABA UTHATHELA UREDI EZOMTHETHO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UNGQONGQOSHE wezaseKhaya, umnu Malusi Gigaba, uthathela usaziwayo, uredi Thlabi, izinyathelo zomthetho ngoba emsola ngokumehlisa isithunzi.

Uredi, oke waba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude nezomsakazo, usole umnu Gigaba ezinkundleni zokuxhumana ngokwenza izinguquko ze- visa yokungena kuleli ukufeza izinhloso zakhe.

Umnu Gigaba kuleli sonto umemezele ukuthi sekuzoba nezinguquko ze- visa ezivakashini eziza eningizimu Afrika ezisuke zihamba nezingane. Uthe akusesona isidingo ukuba bonke abahamba nezingane baveze isitifiketi sokuzalwa esiphelele ( unabridged birth certificate) namaphepha aqinisekisa imvume yomzali yokuhamba komntwana.

Nokho uthe kumele bawaphathe amaphepha ngoba engadingeka ezimeni ezithile.

Ngemuva kwalesi simemezelo uredi ubabele kwitwitter wezwakalisa ukungagculiseki ngalesi sinqumo. Ubhale kule nkundla ukuthi umnu Gigaba wenze lezi zinguquko ngenxa yokuthi indodakazi yakhe (ayigagule ngegama) yaphuma kuleli ihamba nesihlobo sowayeyinkosikazi yakhe nokuyinto angayithandanga.

Umnu Gigaba uphendulile kuyo le nkundla wathi akakugqizi qakala okubhalwa yilo saziwayo kodwa ngeke akumele ukufakwa kwegama lendodakazi yakhe kule nto.

Esitatimendeni esikhishwe wu- Mnyango wezasekhaya, kuqinisekisiwe ukuthi umnu Gigaba usenxuse abameli bakhe ukuba bamthathele izinyathelo zomthetho uredi.

MELUSI GIGABA

REDI TLHABI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.