Bayanda ababulawa yi-ebola econgo

I-WHO ithi amazwe angomakhelwane awaqaphele

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO editor@ilanganews.co.za

INHLANGANO yezempilo emhlabeni jikelele, iworld Health Organization (WHO), ithi njengamanje liphezulu kakhulu izinga lobungozi besifo esibhubhisayo, i-ebola, esesiphinde sabheduka edemocratic Republic of Congo.

I-WHO imemezele lokhu ngoLwesihlanu ngemuva kokuba phambilini kade ithe izinga lobungozi balesi sifo lisephansi.

Njengoba kwaziwa ukuthi kunamathuba okuba lesi sifo sisabalale nakwamanye amazwe, ikakhulukazi angomakhelwane BEDRC namanye ase-afrika, le nhlangano ithi okwamanje lisephansi izinga lobungozi bokuthi lesi sifo sikapakele kwamanye amazwe emhlabeni.

Ixwayise ngokuthi kusemqoka ukuba izifundazwe namazwe angomakhelwane BEDRC asiqaphele kakhulu isimo, futhi azi- lungiselele.

I-WHO ithe izoqhubeka isebenze ngokubambisana namazwe angomakhelwane ukuqinisekisa ukuthi abasemagunyeni bahlalele phezulu, futhi bakulungele ukubhekana nesimo.

Lokhu kubheduka kwe-ebola EDRC kubikwa ukuthi sekungokweshumi kusukela ngo-1976. Bangu-102 abantu okushicilelwe lolu daba kuqinisekisiwe ukuthi sebeshonile ngenxa yaso.

ISITHOMBE NGABE: REUTERS

SIYENYUKA isibalo sababulawa yi-ebola njengoba isiphinde yabheduka EDRC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.