ITHELEKE NGEHLAZO I-ANC KUVALWA I-WEBSITE YAYO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

ITHELEKE ngehlazo I-ANC ngemuva kokuvalwa kwe- website yayo, okuthiwa ivalwe ngenxa yokwehluleka ukukhokhela inkampani ebhekele ukusebenza kwayo.

Izolo ILANGA Langesonto lishicilele lolu daba le website ingasebenzi - bekuthi uma ungena kuyo uhlangabezwe wumbhalo othi: "This website is suspended due to non-payment to the service provider".

Leli phephandaba alikwazanga ukuxhumana nomkhulumeli WE-ANC, umnu Pule Mabe, njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

Kodwa ephawula odabeni olushicilelwe yibusiness Day ngoLwesine uthe i- website ayisebenzi ngoba iyalungiswa. Uphikile ukuthi kukhona imali abayikweletayo.

Kulolu daba lweBusiness Day kuvele ukuthi I-ANC ikweleta inkampani ebhekelele ukusebenza kwale website u-r32 million.

Ezinkundleni zokuxhumana, I-ANC iphenduke ihlaya ngenxa yalokhu kuvalwa kwewebsite yayo. Abaningi bebebabaza, njengoba bekuthatha njengehlazo lokhu.

UBUHLANGATSHEZWA yilo mbhalo uma uzama ukungena kwi-website YE-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.