UVUKE INJ' EBOMVU EBUZWA NGEYOKUTHWASA U-KELLY

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

WALE ukhasha, wagcina esebhoka ngolaka ngesikhathi ebuzwa yintatheli YELANGA Langesonto

mayelana nendaba yakhe yedlozi ukelly Khumalo ongumculi odumile.

Leli phephandaba lixhumane naye ngemuva kokuba lithole emithonjeni ethembekile esondelene kakhulu naye, ukuthi kade eselimpopo esangomeni ebesimsiza mayelana nendaba yedlozi.

Kanti naye ubekade efake isithombe sakhe ekhasini le-instagram, egqoke ibhayi elibomvu, elivamise ukugqokwa yizangoma, wabhala ukuthi: “Use the Power you have been given, Phakama Nkosazane, Phakama Ndlondlo, Konke kungaphansi Kwezinyawo zakho # Whenyoumeeetyourself

#Makhosi.

Ukelly ( osesithombeni) utshele intatheli yaleli phephandaba ukuthi ayiphume ezindabeni zakhe zedlozi.

“Makhoba, bengikuhlonipha ngizitshela ukuthi ungumuntu wesizulu, uyazi ukuthi izinto zedlozi azikhulunywa emphakathini. Manje uyangiphoxa uma wena ungibuza izinto zedlozi kanje, ngeke ngiphawule lutho ngazo,” kusho.

Iqhubekile intatheli imnxusa ukuba ayinike ithuba, ibuze ebifuna ukukubuza kodwa wabhoka ngolaka wathi: “Chief, ngicela ungihloniphe”.

Uqede ukusho kanjalo wavala ucingo, kwacaca ukuthi akazimisele nhlobo ngokuphawula futhi kuyamdina ukubuzwa ngokuthwasa kwakhe.

Ngemuva kokuba efake isithombe sakhe egqoke ibhayi kwi-instagram, baningi abalandeli bakhe abaphawulile - abanye bebethukile kanti abanye bembongela.

makhoba@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.