Utholwe emsulwa ulinda

Usazodingida isinqumo senkantolo nabameli bakhe

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

AHOXISIWE amacala abebekwe obeyisilomo somsakazi wokhozi FM, ulinda Mr Magic Sibiya.

UMR Magic, obebhekene necala lokukhwabanisa alivulelwa yinkampani i-edcon, utholakale emsulwa kuleli cala ebelithinta yena nesisebenzi sale nkampani.

Ngokusho kukammeli kamr Magic, umnu Chris Van As, ispecialised Commercial Crimes Court egoli imkhiphe phambili lo msakazi.

“Nakuba icala lisaqhubeka kodwa umnu Sibiya utholakale emsulwa kuleli cala le nkohlakalo elithinta isamba semali elinganiselwa ku-r1,7 million,” kusho umnu Van As.

Umnu Van As uthi lesi sinqumo sisho lukhulu kumr Magic kanti usazohlala naye phansi mayelana nesinyathelo abazosithatha ukuya phambili.

Kuzokhumbuleka ukuthi isouth African Broadcasting Corporation (SABC), Ukhozi FM olungaphansi kwayo, yakhomba indlela lo msakazi ngemuva kokuba i-edcon imsole ngokuyikhwabanisela, yamvulela icala.

Umnu Van As uthi okwamanje ngeke akwazi ukusho ukuthi zikhona noma azikho yini izinyathelo abazozithathela ISABC kodwa basazosidingida lesi sinqumo senkantolo.

Ngesikhathi exoshwa umr Magic okhozini, kwavela ukuthi le mali kwakungeyokuxhasa umcimbi owagcina ungenzekanga, wokuhlonipha izi- nkakha zalo msakazo.

UMR Magic, owayeshayela uhlelo lwasekuseni, ivuka Breakfast Show, wayengaconsi phansi kubalaleli bokhozi, kwazise kwase kuphele cishe iminyaka engaphezulu kweyishumi esakazela lo msakazo omkhulu eningizimu ye-afrika.

Wabe esezakhele nodumo nangezinkulumo ezakhayo kanti wayenza nomjikelezo womcimbi obizwa ngemagic Tour owawenzelwa ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.