Usgaqa ubuyela enkantolo

Sekunesikhathi engabonakali ebumnandini

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

LIYABUYELA enkantolo icala lomdansi wase-afrotainment osolwa ngokudlwengula intombazana eneminyaka engu-13 engumakhelwane wakhe.

Unhlanhla Chiliza (Sgaqa) waseLamontville, ethekwini, kulindeleke ukuba aphinde avele ngolwesihlanu oluzayo mhla ka-5 kumfumfu (October) enkantolo yemantshi yasethekwini.

Lo mdansi njengamanje ungaphandle ngebheyili ka-r5 000 ehambisana nemibandela yokuba angasondeli eduze kwesisulu futhi angaphumeli ngaphandle kwezwe.

Usgaqa udume kakhulu ngokudansela UDJ Tira notipcee. Esavela okokuqala enkantolo, wawaphika amacala abekwe wona. Selokhu ebekwe la macala akaze abonakale emphakathini esebenza nodj Tira noma notipcee njengoba ubaziwa esebenza nabo.

Okhulumela i-afrotainment, usenzo Shezi, utshele ILANGA Langesonto ukuthi usgaqa akakaze ame ukusebenza, wukuthi nje ubengabonakali emphakathini. “Ukhona sisebenza naye, uyasiza lapho okumele asize khona, akakaze ame emsebenzini.

"Njengoba sasishilo ukuthi sizomeseka kuze kube inkantolo imthola enecala, okwamanje ngeke sikwazi ukumlahla ngoba sisakholwa wukuthi umsulwa,” kusho usenzo.

Abaculi ababonakale enkantolo ngokwedlule, beyokweseka usgaqa, kubalwa udladla Mshunqisi, utipcee, idistruction Boyz, Amadada nabanye. Ngolwesihlanu kulindeleke ukuba baphinde baphume ngobuningi babo ukuyomeseka futhi.

ISITHOMBE NGABE: AFROTAINMENT/ TWITTER

KULINDELE ukuba aphinde avele enkantolo unhlanhla (Sgaqa) Chiliza ongumdansi odumile wase-afrotainment.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.