ZICISHE ZAMNETHA UMLINGISI WOZALO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - THANDI ZONDI

KUSUKE esinamathambo abantu bethelekela usaziwayo ongumlingisi wozalo, odlala indawo yokuba ngumbulali wabanebala elimhlophe kulo mdlalo.

Umlekeleli Shozi ( osesithombeni) , othengisa izicubu zabanebala elimhlophe ngokomdlalo, uthi ukuba abakhuzanga abanye abantu akade beseduze ngabe ushayiwe.

Lo mlingisi ube sengozini yemoto ngesonto echatsworth, kwashayiseka umuzi womuntu, yilapho-ke umsindo usuke khona.

Uthi abanye bebengaboni ukuthi nguyena kwaze kwaba khona abathile abambonayo ukuthi nguye lo olingisa kuzalo kwabe sekusuka isidumo.

“Bekukhona abathi kangishaywe kodwa abaye bebechaza ukuthi ngisuke ngilingisa, kakusiyo into yangempela. Kwamina ngike ngathi ukuziphika ngoba ngizwa abakushoyo,” kuchaza lo mlingisi othi ubesedliwa yingebhe.

Uthi nasendaweni yangakubo usezidalele amazinyo abushelelezi ngenxa yendawo ayilingisayo.

“Yonke indawo lapho ngiya khona bakhuluma ngale ndaba, abantu bakholwa ukuthi ngiwumbulali ngempela. Empeleni ngiwumuntu onomoya omuhle, ongeke wabulala ngisho impukane le,” echaza.

Uthi abantu mabaqhubeke nokubuka uzalo ukuze baqonde kangcono ngalesi sigaba salo mdlalo esithinta abaphila nebala elimhlophe.

“Kimina ukulingisa kuyisinkwa sabantwana bami. Uzalo uma ludlala iziqephu ezinjengalezi lusuke lufundisa hhayi ngoba kwenzeka ngempela.

“Bazobona futhi ukuthi kuzogcina kwenzekeni ngami nomsizi wami, konke kuzoba yisifundo,” kuphetha yena.

Ngesonto eledlule ILANGA Langesonto lishicilele udaba olumayelana nezikhalo zabantu abaphila nebala elimhlophe abangeneme ngesiqephu sozalo sokubulawa komunye umlingisi kulo mdlalo onebala elimhlophe.

tzondi@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.