VUKA UZITHINTITHE:

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

Uma kuwukuthi uyakushaya, hamba uyobika emaphoyiseni, ungalokhu unanaza. Ezinye izinkinga zasendlini ezikuhlukumezayo ungazibika nakubantu abadala emndenini, nabo bangangenelela banisize. Kubi ngoba uthi akafuni ukuboniswa.

Njengoba uthi uvele abhoke ngolaka, kungenzeka ukuba unenkinga yengqondo, kwayena udinga usizo.

Kunabantu abane- bipolar, ngesinye isikhathi abacasuka ngendlela engalawuleki.

Labo banta bangaba yingozi, basuke bedinga ukubonana nama- psychologist. Ngicela uzame nje uxhumane nabantu abadala basemndenini noma uma ningabantu abakholwayo, ubike nasebandleni, mhlawumbe usizo ningaluthola. Kodwa le nto ungayivaleli nje ngaphakathi kuwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.