ANGISAMTHANDI KODWA AKUHAMBEKI

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UMBUZO: NGINENKINGA nalo muntu engithandana naye, selwaphela kudala uthando lwakhe kimi, angisamfuni, sengihlezi nje kodwa akuvumi ngihambe.

IMPENDULO: Angiqondi ukuthi yini le nto esakuhlalisile ngoba kusho wena uthi uthando selwaphela. Kunzima ukuba ngikusize ngoba awungitsheli ukuthi yini le nto eyenza kungavumi ukuba uhambe.

Lesi simo sakho ongichazela sona ngingasifanisa nesimo somuntu okhala ngokuthi ukhiyeleke endlini kodwa futhi isikhiye sisesandleni sakhe, nguyena ozozivulela aphume.

Engingakutshela khona nje wukuthi uma umuntu ungasamthandi, ungabodlala ngaye umenze isilima - thola indlela yokumtshela ukuthi awusamthandi, nihlukane.

ISITHOMBE NGABE: VOX.COM

UMFUNDI ukhala ngokuthi akasenalo uthando lwendoda yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.