Useqophe nodj Maphorisa owaswazini

Ilanga langeSonto - - Ezikaqed - ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KUBUKEKA uya kude umshikashika ka-amanda Sitanzile Motsa obizwa ngo

Amanda

Mo emculweni njengoba kunengoma entsha ayenze nodj Maphorisa ayidedele ngolwesihlanu ethi Phula. Kuyaziwa ukuthi izingoma ezivutshelwe ngumaphorisa zishisa izikhotha nakwamanye amazwe imbala njengayo le ayenze nale ntokazi yasembabane eswazini, phambilini esike sabika ngokungenisa kwayo emculweni.

Ingoma yayo edlalwa nxazonke ngenodj Qness ethi "You", esihlale kweziphambili ezinhlanu ezidlalwa kakhulu emsakazweni isikhathi eside.

Lo mzwilili akagcini nje ngokudlisa ngephimbo kodwa uhlome nangemfundo njengoba ephothule izifundo ze-environmental Science e-university of Kwazulu-natal.

Abe-icon PB okuyinkampani aqopha ngaphansi kwayo nokuyiyo egqamise usands wetigi Tigi kuleli bathi kubageze ubebebe ukusebenza nomaphorisa.

Uphilani Dlamini wale nkampani uthi basezinhlelweni zokudedela i-albhamu ephelele ngolwesihlanu esibheke kulo emva kwempumelelo yezingoma abazenzile.

“Le esiyenze nomaphorisa isiyatholakala kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo kwi-internet kusukela kuthangi kanti nakanjani ngoLwesihlanu sizobe sesimemezela nge-albhamu esizoyikhipha ngalo lolo suku,” usho kanje efunga ukuthi abathanda isitayela sika-amanda Mo ngeke bazisole ngalo msebenzi abawukhiqizile, ILANGA Langesonto

eseliwuzwile nalo abazowudedela ngolwesihlanu.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE ISITHOMBE: UKHOZI FM

UTHEMBISA lukhulu u-amanda Mo osenengoma nodj Maphorisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.