BATHA

Ilanga langeSonto - - Ezikaqed -

kwindizanathi.

Kungenzeka ukuthi nami ngimnike ithuba ngivele sengidungeke ingqondo kodwa engikuzwile kungishiye nokukhulu ukungagculiseki. Ngeke saba namandla singabalaleli okutshela abaphathi bokhozi FM ukuthi kungcono basibophele kanjani isikimu sabo kodwa iqiniso kaliguquki - usbu ungumuntu wezinhlelo zezenkolo, hhayi oluyingxube njengalolu alwenza manje.

Lolu hlelo ungalufanisa phela nesidlo esaziwa ngo-7 colours njengoba luhlanganisa yonke into ekhona ngaphansi komthunzi wezokusakaza.

Ngelinye ilanga mhlawumbe ukhozi FM kuzomele lushintshe ukwenza ngoba nasebholeni kuyaziwa, kawukwazi ukuthi ungathatha ukhama Billiat obukhali ngokufaka amagoli uyomenza isitobha.

*Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.